Verse 1: Isiprofetho ngeNineve, incwadi yombono kaNahume wase-Elikoshi.
Verse 2: UJehova unguNkulunkulu oshisekelayo nophindiselayo; uJehova uyaphindisela, ugcwele ukufutheka; uJehova uphindisela kwabamelene naye, ugcinela izitha zakhe intukuthelo.
Verse 3: UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.
Verse 4: Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.
Verse 5: Izintaba ziyathuthumela phambi kwakhe, amagquma ayancibilika; umhlaba uyaphakama ebusweni bakhe, yebo, nakho konke okuhlala kuwo.
Verse 6: Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.
Verse 7: UJehova muhle, uyinqaba ngosuku lwenhlupheko, uyabazi abaphephela kuye.
Verse 8: Kepha ngesikhukhula esiphuphumayo uyakuqeda indawo yakhona, axoshele izitha zakhe ebumnyameni.
Verse 9: Enikucebayo ngoJehova uyakuqeda yena; ukuhlupheka akuyikuvela ngokwesibili.
Verse 10: Lapho bethandela njengameva, benjengabaminzileyo ophuzweni lwabo, bayakuqedwa nokuqedwa njengamabibi omileyo.
Verse 11: Kuphume kuwe owamcebela uJehova okubi, wanika isiluleko esibi.
Verse 12: Usho kanje uJehova, uthi: “Noma benamandla, futhi bebaningi, nokho bayakuqedwa, banyamalale; noma ngikuhluphile, angisayikukuhlupha.
Verse 13: Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.”
Verse 14: Kepha uJehova uyalezile ngawe ukuthi akusayikuhlwanyelwa okwegama lakho; endlini yawonkulunkulu bakho ngiyakunquma izithombe ezibaziweyo nezibunjiweyo; ngiyakulungisa ithuna lakho, ngokuba awuyinto yalutho.
Verse 15: Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho, Juda, ugcwalise izithembiso zakho, ngokuba omubi akasayikudabula kuwe; unqunyiwe ngokupheleleyo.