Verse 1: Ngomnyaka wesithathu wokubusa kukaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, eJerusalema, walivimbezela.
Verse 2: INkosi yanikela esandleni sakhe uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nenxenye yezitsha zendlu kaNkulunkulu, waziyisa ezweni laseShineyari endlini kankulunkulu wakhe, waziyisa izitsha endlini yengcebo kankulunkulu wakhe.
Verse 3: Inkosi yakhuluma ku-Ashipenazi, induna yabathenwa bayo, ukuba athathe kubantwana bakwa-Israyeli abozalo lwenkosi nezikhulu, abalethe,
Verse 4: abafana abangenasici, ababukeka kahle, abanengqondo ekuhlakanipheni konke, abanolwazi ekwazini, abanokuqonda ekwazini, abanamandla ukukhonza endlini yenkosi, abafundise izincwadi nolimi lwamaKaledi.
Verse 5: Inkosi yabamisela isabelo semihla ngemihla sokudla kwenkosi nesewayini eliphuzayo, bondliwe iminyaka emithathu; kuyakuthi ngasekugcineni kwayo beme phambi kwenkosi.
Verse 6: Kulabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda oDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya.
Verse 7: Induna yabathenwa yabetha amagama; uDaniyeli yametha ngokuthi uBeliteshasari, noHananiya uShadiraki, noMishayeli uMeshaki, no-Azariya u-Abedi Nego.
Verse 8: Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.
Verse 9: UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.
Verse 10: Induna yabathenwa yathi kuDaniyeli: “Mina ngiyesaba ukuthi inkosi yami, inkosi, emisile ukudla kwenu nokuphuza kwenu, iyakubona ubuso benu ukuba buxhozekile kunabafana abayintanga yenu, nilifake engozini ikhanda lami enkosini.”
Verse 11: Wayesethi uDaniyeli encekwini, induna yabathenwa ebiyibeke phezu koDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya:
Verse 12: “Ake ulinge izinceku zakho izinsuku eziyishumi, basiphe imifino yokudla namanzi okuphuza.
Verse 13: Bese bubekwa ubuso bethu phambi kwakho kanye nobuso babafana abadla isabelo sokudla kwenkosi, wenze ezincekwini zakho njengokubona kwakho.”
Verse 14: Yabalalela kule nto, yabalinga izinsuku eziyishumi.
Verse 15: Ngasekugcineni kwezinsuku eziyishumi ubuso babo babonakala bubuhle, babekhuluphele emzimbeni kunabo bonke abafana ababedla isabelo sokudla kwenkosi.
Verse 16: Inceku yayisisusa isabelo sokudla newayini lokuphuza, yabapha imifino.
Verse 17: Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.
Verse 18: Ngasekugcineni kwezinsuku inkosi eyayishilo ukuthi bazakungeniswa ngazo, induna yabathenwa yabangenisa phambi kukaNebukadinesari.
Verse 19: Inkosi yakhuluma nabo; phakathi kwabo bonke akufunyaniswanga muntu onjengoDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya; base bemi ngaphambi kwenkosi.
Verse 20: Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo yabafumanisa bedlula kayishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.
Verse 21: UDaniyeli wayekhona kwaze kwaba ngumnyaka wokuqala kaKoresi inkosi.