Verse 1: Kwathi emva kokufa kukaJoshuwa abantwana bakwa-Israyeli bambuza uJehova, bathi: “Ngubani phakathi kwethu oyakusikhuphukelela kuwo amaKhanani kuqala ukulwa nawo na?”
Verse 2: UJehova wathi: “Kuyakukhuphuka uJuda; bheka, ngilinikele izwe esandleni sakhe.”
Verse 3: UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo: “Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani, nami ngiye esabelweni sakho.” USimeyoni wayesehamba naye.
Verse 4: UJuda wakhuphuka; uJehova wanikela esandleni sabo amaKhanani namaPherizi, babulala kuwo abantu abayizinkulungwane eziyishumi eBezeki.
Verse 5: EBezeki bafumana u-Adoni Bezeki, balwa naye, bawabulala amaKhanani namaPherizi.
Verse 6: Kepha u-Adoni Bezeki wabaleka; bamxosha, bambamba, bamnquma izithupha nawoqukula.
Verse 7: Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.
Verse 8: Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.
Verse 9: Ngasemuva behla abantwana bakwaJuda ukuba balwe namaKhanani ayakhe ezintabeni, nangaseningizimu, nasenzansi.
Verse 10: UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.
Verse 11: Wasuka lapho, waya kwabakhe eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.
Verse 12: UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.”
Verse 13: U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi, walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.
Verse 14: Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: “Ukhala ngani?”
Verse 15: Wathi kuye: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi.” UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.
Verse 16: Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.
Verse 17: UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, bachitha amaKhanani ayakhe eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma.
Verse 18: UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.
Verse 19: UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.
Verse 20: Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.
Verse 21: Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.
Verse 22: Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.
Verse 23: Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.
Verse 24: Zase zibona izinhloli umuntu ephuma emzini, zathi kuye: “Ake usikhombise intuba yokungena emzini, siyakukwenzela umusa.”
Verse 25: Wazikhombisa intuba yokungena emzini, zawuchitha umuzi ngosiko lwenkemba; kepha zamvumela lowo muntu nomndeni wakhe ukuba bahambe.
Verse 26: Lowo muntu wayesengena ezweni lamaHeti, wakha umuzi, waqamba igama lawo ngokuthi iLuze okuyigama lawo kuze kube namuhla.
Verse 27: UManase akaxoshanga abaseBeti Sheyani nemizana yalo, nabaseThahanaki nemizana yalo, nabakhe eDori nemizana yalo, nabakhe eJibileyamu nemizana yalo, nabakhe eMegido nemizana yalo; amaKhanani aphumelela ukuhlala kulelo zwe.
Verse 28: Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.
Verse 29: Naye u-Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.
Verse 30: UZebuloni akaxoshanga abakhe eKitroni, nabakhe eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa.
Verse 31: U-Asheri akaxoshanga abakhe e-Ako, nabakhe eSidoni, nase-Ahlabi, nase-Akizibi, naseHelba, nase-Afiki, naseRehobe;
Verse 32: kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe, ngokuba abawaxoshanga.
Verse 33: UNafetali akaxoshanga abakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti Anati, kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe; kodwa abakhe eBeti Shemeshi naseBeti Anati basetshenziswa yibo.
Verse 34: Ama-Amori adudulela abantwana bakwaDani ezintabeni, ngokuba awabavumelanga ukwehlela esigodini.
Verse 35: Kepha ama-Amori aphumelela ukuhlala entabeni yaseHeresi, nase-Ajaloni, naseShahalabimi; kodwa isandla sendlu kaJosefa sahlula, aze asetshenziswa.
Verse 36: Umkhawulo wama-Amori wasukela ekwenyukeni kwe-Akarabimi naseSela, waya ngenhla njalo.