Verse 1: UJehova esetendeni lokuhlangana wambiza uMose, wakhuluma kuye, wathi:
Verse 2: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova, anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.
Verse 3: “ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.
Verse 4: Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa; uyakwamukelwa ngenxa yakhe, umenzele ukubuyisana.
Verse 5: Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana.
Verse 6: Uyakuhlinza umnikelo wokushiswa, awuhlahlele izitho.
Verse 7: Amadodana ka-Aroni umpristi abeke umlilo e-altare, ahlele izinkuni phezu komlilo;
Verse 8: amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,
Verse 9: ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.
Verse 10: “ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.
Verse 11: Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.
Verse 12: Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,
Verse 13: ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.
Verse 14: “ ‘Uma umnikelo wakhe kuJehova ungumnikelo wokushiswa kwezinyoni, wonikela ngomnikelo wamahobhe noma ngowamaphuphu amajuba.
Verse 15: Umpristi awulethe e-altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare,
Verse 16: asuse ingila nezimpaphe, akulahle ngaseceleni kwe-altare ngasempumalanga endaweni yomlotha,
Verse 17: awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.