Verse 1: umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu,
Verse 2: kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
Verse 3: Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini,
Verse 4: ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo,
Verse 5: ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.
Verse 6: Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami.
Verse 7: Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.
Verse 8: Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu
Verse 9: owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,
Verse 10: kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli,
Verse 11: engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi;
Verse 12: ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.
Verse 13: Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu;
Verse 14: okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.
Verse 15: Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.
Verse 16: INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,
Verse 17: kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana —
Verse 18: iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku — konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.