Verse 1: Amazwi oMshumayeli indodana kaDavide, inkosi yaseJerusalema.
Verse 2: “Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.”
Verse 3: Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na?
Verse 4: Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade.
Verse 5: Ilanga liyaphuma, ilanga liyashona, lishesha ukuya endaweni yalo lapho liphuma khona.
Verse 6: Umoya uya ngaseningizimu, uzungeze, uye ngasenyakatho; uzungazungeza njalo ekuhambeni kwawo, nasekuzungezeni kwawo umoya uyabuyela.
Verse 7: Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo.
Verse 8: Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa.
Verse 9: Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga.
Verse 10: Kukhona yini into okuthiwa ngayo: “Bheka, intsha le.” Yayikhona nasemandulo ayengaphambi kwethu.
Verse 11: Akukho ukukhunjulwa kwase bephelile, nabalandelayo abayakufika abayikukhunjulwa nabo phakathi kwabalandela bona.
Verse 12: Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema.
Verse 13: Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
Verse 14: Ngiyibonile yonke imisebenzi eyenziwayo phansi kwelanga; bheka, konke kuyize nokufuna umoya.
Verse 15: Okuyisigwegwe akunakuqondiswa, nokungekho akunakubalwa.
Verse 16: Ngakhuluma mina nenhliziyo yami, ngathi: “Bheka, ngenzile ukuhlakanipha kube kukhulu, ngikwandisile kunabo bonke phambi kwami eJerusalema, yebo, inhliziyo yami ibonile kakhulu ukuhlakanipha nokwazi.”
Verse 17: Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.
Verse 18: Ngokuba ekuhlakanipheni okuningi kukhona ukukhathazeka okuningi; owandisa ukwazi wandisa usizi.