Verse 1: inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu,
Verse 2: alethembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele
Verse 3: mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama,
Verse 4: eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu
Verse 5: esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe,
Verse 6: enikuzo nani eningababiziweyo bakaJesu Kristu,
Verse 7: kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Verse 8: Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke.
Verse 9: Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula
Verse 10: njalo emikhulekweni yami, nginxusa ukuba, uma kungenzeka ngentando kaNkulunkulu, ngiphumelele ukufika kini.
Verse 11: Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe,
Verse 12: okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami.
Verse 13: Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.
Verse 14: Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo;
Verse 15: kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma.
Verse 16: Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.
Verse 17: Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”
Verse 18: Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,
Verse 19: ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo.
Verse 20: Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela,
Verse 21: ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.
Verse 22: Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula,
Verse 23: nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.
Verse 24: Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo,
Verse 25: baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.
Verse 26: Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo;
Verse 27: ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.
Verse 28: Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele,
Verse 29: begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba;
Verse 30: beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali,
Verse 31: nabangenangqondo, nabangathembekile, nabangenaluthando, nabangenasihawu,
Verse 32: abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.