Verse 1: Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu.
Verse 2: Njengokulotshwe kumprofethi u-Isaya ukuthi: “Bheka, ngiyasithuma isithunywa sami phambi kwakho esiyakulungisa indlela yakho,” —
Verse 3: “izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde,’ ”
Verse 4: kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono.
Verse 5: Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.
Verse 6: UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.
Verse 7: Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukuba ngikhothame ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.
Verse 8: Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.”
Verse 9: Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.
Verse 10: Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.
Verse 11: Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
Verse 12: Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane.
Verse 13: Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.
Verse 14: Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu,
Verse 15: wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
Verse 16: Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi.
Verse 17: UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.”
Verse 18: Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.
Verse 19: Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha.
Verse 20: Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
Verse 21: Bangena eKapernawume. Kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.
Verse 22: Bamangala ngokufundisa kwakhe; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali.
Verse 23: Kwakukhona-ke esinagogeni umuntu onomoya ongcolileyo, wamemeza,
Verse 24: wathi: “Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani — ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
Verse 25: UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!”
Verse 26: Umoya ongcolileyo wamhlukumeza, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.
Verse 27: Bethuka bonke, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu? Yisifundiso esisha esinamandla; nawomoya abangcolileyo uyabayala, bamlalele.”
Verse 28: Udumo lwakhe lwase lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.
Verse 29: Sebephume esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane.
Verse 30: Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye.
Verse 31: Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza.
Verse 32: Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni.
Verse 33: Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.
Verse 34: Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.
Verse 35: Ekuseni kusemnyama kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.
Verse 36: USimoni nababe naye bamlandela ngokuphuthuma.
Verse 37: Sebemfumene bathi kuye: “Bonke bayakufuna.”
Verse 38: Wathi kubo: “Masiye kwezinye izindawo emizaneni eseduze ukuba ngishumayele nakhona; ngokuba ngiphumele khona lokho.”
Verse 39: Wahamba eshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.
Verse 40: Kwafika kuye onochoko, wamncenga eguqa ngamadolo, ethi kuye: “Uma uthanda, ungangihlambulula.”
Verse 41: UJesu wamhawukela, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.”
Verse 42: Lwasuka masinyane uchoko kuye, wahlambuluka.
Verse 43: Esemyalisisile washesha wammukisa,
Verse 44: wathi kuye: “Bheka, ungasho lutho kumuntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho lokho okwayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”
Verse 45: Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.