Verse 1: U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”
Verse 2: Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:
Verse 3: “Suka lapha, uye ngasempumalanga, ucashe ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
Verse 4: Kuyakuthi uphuze emfudlaneni; ngiyalile amagwababa ukuba akondle khona.”
Verse 5: Wahamba wenza njengezwi likaJehova, ngokuba wahamba wahlala ngasemfudlaneni iKeriti ongaphambi kweJordani.
Verse 6: Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.
Verse 7: Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.
Verse 8: Kwase kufika izwi likaJehova kuye, lathi:
Verse 9: “Suka uye eSarefati elingeleSidoni, uhlale khona; bheka, ngiyalile lapho umfelokazi ukuba akondle.”
Verse 10: Wayesesuka waya eSarefati; esefikile esangweni lomuzi, bheka, umfelokazi wayecakasha khona; wambiza wathi: “Ake ungilethele ingcosana yamanzi esitsheni, ngiphuze.”
Verse 11: Esasuka ukuwalanda, wambiza wathi: “Ake ungilethele nocezu lwesinkwa esandleni sakho.”
Verse 12: Kepha wathi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu wakho, anginalo neqebelengwane, kukhona kuphela ukhweshe lwempuphu embizeni nengcosana yamafutha ophisweni; bheka, sengicakashile izinkuni ezimbili, ukuze ngingene ngizilungiselele khona nendodana yami ukuba sikudle, sife.”
Verse 13: Wayesethi u-Eliya kuye: “Ungesabi; hamba wenze njengokusho kwakho, kepha ngenzele mina kuqala iqebelengwane elincane ngakho, ulilethe kimi, andukuba uzilungiselele wena nendodana yakho.
Verse 14: Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Imbiza yempuphu ayikuphela, nophiso lwamafutha aluyikuswela kuze kufike lolo suku uJehova anisa ngalo imvula emhlabeni.’ ”
Verse 15: Wayesehamba, wenza njengokusho kuka-Eliya: kwadla yena, no-Eliya, nendlu yakhe izinsuku eziningi.
Verse 16: Imbiza yempuphu ayiphelanga, nophiso lwamafutha aluswelanga njengezwi likaJehova alikhulumile ngesandla sika-Eliya.
Verse 17: Kwathi emva kwalokho indodana yalowo mfelokazi, umnikazindlu, yagula; ukugula kwayo kwaba namandla kangaka ngangokuba yayingasenakho ukuphefumula.
Verse 18: Wayesethi ku-Eliya: “Nginamsebenzi muni nawe muntu kaNkulunkulu na? Uze kimi ukuba kukhumbuleke isono sami nokuba kubulawe indodana yami.”
Verse 19: Kepha wathi kuye: “Nginike indodana yakho.” Wayithatha esifubeni sakhe, wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho ehlala khona, wayibeka embhedeni wakhe.
Verse 20: Wayesekhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, usuwehlisele nalo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?”
Verse 21: Wazelula phezu komntwana kathathu, wakhala kuJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu wami, umphefumulo walo mntwana mawubuyele kuye.”
Verse 22: UJehova walizwa izwi lika-Eliya; umphefumulo womntwana wabuyela kuye, waphila.
Verse 23: U-Eliya wayesethatha umntwana, wamehlisa ekamelweni eliphezulu, wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: “Bheka, indodana yakho isiyaphila.”
Verse 24: Owesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi wena ungumuntu kaNkulunkulu nokuthi izwi likaJehova elisemlonyeni wakho liyiqiniso.”