Verse 1: Ebusuku embhedeni wami ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.
Verse 2: Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini, ezitaladini nasezigcawini; ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami; ngamfuna, kepha angimtholanga.
Verse 3: Abalindi bangifumana behambahamba emzini: “Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”
Verse 4: Ngangidlule kancane nje kubo; ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami; ngambamba, angivumanga ukuba ahambe, ngaze ngamngenisa endlini kamame nasekamelweni lowangikhulisayo.
Verse 5: Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
Verse 6: Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?
Verse 7: Bheka, luhlaka lukaSolomoni! Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile emaqhaweni akwa-Israyeli.
Verse 8: Onke aphethe izinkemba, afundile ukulwa; yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe ngokwesaba ebusuku.
Verse 9: Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni.
Verse 10: Yenza izinsika zalo ngesiliva, nephansi lalo ngegolide, nesihlalo salo ngokububende, ubuphakathi balo bugandaywe ngothando lwamadodakazi aseJerusalema.
Verse 11: Phumani nina madodakazi aseJerusalema, nibone inkosi uSolomoni, inomqhele eyawuqheliswa ngunina ngosuku lokugcagca kwayo nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.