Jeremiah - Chapter 10

Verse 1: Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli.

Verse 2: Usho kanje uJehova, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba.

Verse 3: Ngokuba imikhuba yabantu iyize, lokhu kugawulwa umuthi ehlathini; ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.

Verse 4: Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide, bawubethela ngezipikili nangezando ukuba ungazamazami.

Verse 5: Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.”

Verse 6: Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

Verse 7: Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

Verse 8: Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje,

Verse 9: nezingcwecwe zesiliva ezilethwe zivela eTharishishi negolide lase-Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi, kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

Verse 10: Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

Verse 11: “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

Verse 12: Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

Verse 13: Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo.

Verse 14: Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.

Verse 15: Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.

Verse 16: Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Verse 17: Qoqa umshuqulo wakho ezweni wena ohlezi ekuvinjezelweni.

Verse 18: Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.”

Verse 19: Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”

Verse 20: Itende lami lichithakele, zonke izintambo zami zigqabukile; abantwana bami basukile kimi, kabasekho; kasekho owokwelula itende lami nowokumisa izilenge zami.

Verse 21: Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku, abamfunanga uJehova; ngalokho abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.

Verse 22: Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.

Verse 23: Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.

Verse 24: Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho.

Verse 25: Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories