Daniel - Chapter 10

Verse 1: Ngomnyaka wesithathu kaKoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBeliteshasari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.

Verse 2: Ngalezo zinsuku mina, Daniyeli, ngangilila amasonto amathathu apheleleyo.

Verse 3: Ngangingadli isinkwa esithandiweyo, nenyama newayini akungenanga emlonyeni wami, futhi angizigcobanga nakanye kwaze kwaphelela amasonto amathathu.

Verse 4: Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yokuqala, ngiseceleni komfula omkhulu iHidekeli,

Verse 5: ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.

Verse 6: Umzimba wakhe wawunjengekrisolithe, nobuso bakhe bunjengokubonakala konyazi, namehlo akhe enjengezibani zomlilo, izingalo zakhe nezinyawo zakhe zinjengokubengezela kwethusi eliphucuziweyo, nezwi lamazwi akhe linjengezwi lesixuku.

Verse 7: Mina, Daniyeli, kuphela ngawubona umbono, ngokuba abantu ababe nami abawubonanga umbono, kepha behlelwa ngukuthuthumela okukhulu, babaleka ukuba bacashe.

Verse 8: Ngashiywa ngedwa; ngawubona lombono omkhulu, akusalanga mandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.

Verse 9: Ngase ngizwa izwi lamazwi akhe; lapho ngezwa izwi lamazwi akhe, ngase ngilele ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi.

Verse 10: Bheka-ke, kwangithinta isandla, sangimisa ukuba ngitotobe ngamadolo ami nangezintende zezandla zami.

Verse 11: Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.

Verse 12: Wayesethi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ukuqonda nokuzithoba phambi kukaNkulunkulu wakho amazwi akho ezwiwa; mina ngifikile ngenxa yamazwi akho.

Verse 13: Kepha isikhulu sasembusweni wasePheresiya samelana nami izinsuku ezingamashumi amabili nanye, kepha bheka, uMikayeli, omunye wezikhulu zokuqala, weza ukungisiza, noma kade ngishiyiwe ngedwa khona namakhosi asePheresiya.

Verse 14: Sengifikile ukuba ngikuqondise okuyakwehlela abantu bakho ngezinsuku ezizayo, ngokuba umbono usenezinsuku.”

Verse 15: Esekhulumile kimi lawo mazwi, ngabhekisa ubuso bami phansi, ngathula.

Verse 16: Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi komi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.

Verse 17: Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho akusalanga mandla kimi, nokuphefumula bekungasekho kimi.”

Verse 18: Wabuye wangithinta obonakala njengomuntu, wangiqinisa.

Verse 19: Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”

Verse 20: Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho ngiphumile kuso, siyakufika isikhulu saseJavani.

Verse 21: Kepha ngiyakutshela okulotshwe embhalweni weqiniso. Akakho noyedwa ozihlanganisa nami ukulwa nalaba ngaphandle kukaMikayeli, isikhulu senu.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories