Verse 1: “Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,
Verse 2: ngiyakubutha zonke izizwe, ngizehlisele esigodini sikaJehoshafati, ngahlulelane nazo khona ngenxa yabantu bami nesabelo sami u-Israyeli, ezibahlakazile phakathi kwezizwe, zabela izwe lami.
Verse 3: Zenza inkatho ngabantu bami, zanika umfana ngesifebe, zathengisa ngentombazana ngenxa yewayini, zaliphuza.
Verse 4: “Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,
Verse 5: njengalokho nithathile isiliva lami negolide lami, nangenisa izinto zami ezinhle emathempelini enu,
Verse 6: nathengisa ngabantwana bakwaJuda nangabantwana baseJerusalema kumadodana aseJavani ukuba nibadedisele kude nemikhawulo yabo.
Verse 7: “Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo, ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.
Verse 8: Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.
Verse 9: Memezelani lokhu phakathi kwabezizwe, ningcwelise impi, niwavuse amaqhawe; mawasondele, enyuke onke amadoda empi.
Verse 10: Khandani amakhuba enu abe yizinkemba, ocelemba benu babe yimikhonto, obuthakathaka asho ukuthi ngiyiqhawe.
Verse 11: Sheshani nifike nina bezizwe zonke nxazonke, nibuthane, wehlisele khona amaqhawe akho, Jehova.
Verse 12: “Mabazivuse abezizwe, benyukele esigodini sikaJehoshafati, ngokuba ngahlulele bonke abezizwe nxazonke.
Verse 13: Fakani isikela, ngokuba okuzakuvunwa sekuvuthiwe; ngokuba isikhamo sewayini sigcwele, nezikhongozelo ziyachichima, ngokuba ububi babo bukhulu.”
Verse 14: Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.
Verse 15: Ilanga nenyanga kuba mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo.
Verse 16: UJehova uyaduma eseSiyoni, ezwakalise izwi lakhe eseJerusalema; izulu nomhlaba kuyazamazama, kepha uJehova uyisiphephelo sabantu bakhe, nenqaba yabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 17: Bese nikwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu engihlala eSiyoni, intaba yami engcwele; iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula.
Verse 18: “Kuyakuthi ngalolo suku izintaba ziconse iwayini elimnandi, amagquma agobhoze ubisi, yonke imifula yakwaJuda igobhoze amanzi; kuyakuvela umthombo endlini kaJehova oyakunisela isigodi saseShithimi.
Verse 19: IGibithe liyakuba yincithakalo, u-Edomi abe yihlane lencithakalo ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda, ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.
Verse 20: Kepha uJuda uyakuhlala kuze kube phakade, neJerusalema ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Verse 21: Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,” ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.