Verse 1: masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.
Verse 2: UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?” Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.”
Verse 3: Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi.
Verse 4: UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”
Verse 5: Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.
Verse 6: Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo.
Verse 7: Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni.
Verse 8: Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.
Verse 9: Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”
Verse 10: Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu.
Verse 11: Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
Verse 12: UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”
Verse 13: Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
Verse 14: Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”
Verse 15: Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
Verse 16: Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu, abizela ndawonye ibutho lonke.
Verse 17: Ayesemembathisa ingubo ebubende, amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva.
Verse 18: Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”
Verse 19: Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye.
Verse 20: Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende, amembathisa izingubo zakhe. Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni.
Verse 21: Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe.
Verse 22: Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda.
Verse 23: Amnika iwayini elixutshwe nemure; kepha akalamukelanga.
Verse 24: Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.
Verse 25: Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni.
Verse 26: Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA.
Verse 27: Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe.
Verse 28: Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.”
Verse 29: Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu;
Verse 30: zisindise, wehle esiphambanweni.”
Verse 31: Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena.
Verse 32: UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza.
Verse 33: Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.
Verse 34: Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Verse 35: Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.”
Verse 36: Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.”
Verse 37: UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.
Verse 38: Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi.
Verse 39: Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.”
Verse 40: Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome
Verse 41: ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema.
Verse 42: Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha,
Verse 43: kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi, owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu.
Verse 44: Kepha uPilatu wamangala ngokuthi ngabe usefile, wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi sekukade efile na?
Verse 45: Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu.
Verse 46: Wathenga indwangu enhle, wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna.
Verse 47: OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.