Hebrews - Chapter 10

Verse 1: Ngokuba lokhu umthetho unesithunzi sezinto ezinhle ezizayo, ungesiwo umfanekiso wazo uqobo, ungeze waba namandla ngemihlatshelo enikelwa njalonjalo iminyaka ngeminyaka ukubenza baphelele labo abasondelayo;

Verse 2: uma kwakungenjalo, nga ingayekwanga ukunikelwa na? lokhu phela abakhonzayo sebehlanjululwe kanye babengasayikuba novalo ngezono.

Verse 3: Kodwa kuleyo mihlatshelo kukhona ukukhunjulwa kwezono iminyaka ngeminyaka;

Verse 4: ngokuba akunakwenzeka ukuba igazi lezinkunzi nelezimbuzi lisuse izono.

Verse 5: Ngalokho-ke esefika ezweni uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.

Verse 6: Iminikelo yokushiswa nemihlatshelo ngenxa yesono awuyithokozelanga.

Verse 7: Ngase ngithi: ‘Bheka, ngiyeza — emqulwini wencwadi kulotshiwe ngami — ukuba ngiyenze, Nkulunkulu, intando yakho.’ ”

Verse 8: Eseshilo ngasenhla ukuthi: “Imihlatshelo, neminikelo, neminikelo yokushiswa, nemihlatshelo ngenxa yezono awuyithandanga, awuyithokozelanga,” eyona ilethwa ngokomthetho,

Verse 9: ubuye wathi: “Bheka, ngiyeza ukwenza intando yakho.” Ususa okokuqala, ukuze amise okwesibili.

Verse 10: Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.

Verse 11: Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;

Verse 12: kepha yena, esenikele ngomhlatshelo waba munye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,

Verse 13: usalindele izitha zakhe zize zenziwe isenabelo sezinyawo zakhe.

Verse 14: Ngokuba ngomnikelo munye uphelelise njalonjalo labo abangcwelisiweyo.

Verse 15: Kepha noMoya oNgcwele uyafakaza kithina, ngokuba emva kokusho kwakhe ukuthi:

Verse 16: “Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, isho iNkosi: Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyilobe engqondweni yabo,

Verse 17: nezono zabo nobubi babo angisoze ngakukhumbula futhi.”

Verse 18: Kepha lapho kukhona ukuthethelelwa kwalokho, akusadingeki ukunikela ngenxa yesono.

Verse 19: Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu

Verse 20: ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe,

Verse 21: sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu,

Verse 22: masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;

Verse 23: masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;

Verse 24: masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,

Verse 25: singakuyeki ukuhlangana kwethu njengomkhuba wabanye, kepha masivuselelane, ikakhulu njengokuba nibona usuku lusondela.

Verse 26: Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono,

Verse 27: kepha kuphela ukulindela okwesabekayo ukwahlulelwa nomlilo oshisayo ozakuqeda amaphikankani.

Verse 28: Odelele umthetho kaMose uyakufa engahawukelwa ngezwi lawofakazi ababili noma bebathathu;

Verse 29: pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?

Verse 30: Ngokuba siyamazi owathi: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela,” futhi-ke: “INkosi iyakubahlulela abantu bayo.”

Verse 31: Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.

Verse 32: Kepha khumbulani izinsuku zakuqala okwathi ngazo senikhanyisiwe nakhuthazela empini enkulu yezinhlupheko,

Verse 33: kokunye ngokuba ngumbukwane ngezinhlamba nangezimbandezeko, kokunye ngokuba ngabahlanganyeli nababephathwa kanjalo.

Verse 34: Ngokuba nazwelana nababoshiweyo, navuma ngokuthokoza ukuphangwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla enhle kunaleyo, nemiyo njalo.

Verse 35: Ngakho-ke maningalahli isibindi senu esinomvuzo omkhulu.

Verse 36: Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.

Verse 37: Ngokuba kuse yisikhashana nje, ozayo uyeza, akayikulibala;

Verse 38: kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.

Verse 39: Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories