Judges - Chapter 14

Verse 1: USamsoni wehlela eThimna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti.

Verse 2: Wakhuphuka, wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngibonile owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti; ngalokho ngithatheleni yena abe ngumkami.”

Verse 3: Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”

Verse 4: Kepha uyise nonina babengazi ukuthi lokho kwavela kuJehova, ngokuba wayefuna ithuba lokulwa namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.

Verse 5: USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.

Verse 6: UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.

Verse 7: Wehla, wakhuluma nowesifazane; wathandeka kuSamsoni.

Verse 8: Emva kwesikhathi wabuya ukuba amthathe, waphambuka ukuyobona isidumbu sengonyama; bheka, kwakukhona iqulo lezinyosi esidumbini sengonyama kanye noju.

Verse 9: Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyosi esidumbini sengonyama.

Verse 10: Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa.

Verse 11: Kwathi lapho bembona, baletha abayeni abangamashumi amathathu ukuba babe naye.

Verse 12: USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;

Verse 13: kepha uma ningenakuyiqandela kimi, niyakunginika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu.” Bathi kuye: “Yisho imfumbe yakho ukuba siyizwe.”

Verse 14: Wayesethi kubo: “Kodlayo kwaphuma ukudla, konamandla kwavela okumnandi.” Babengenakuyiqandela imfumbe ngezinsuku ezintathu.

Verse 15: Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?”

Verse 16: UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda kuphela, awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona.” Wathi kuye: “Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?”

Verse 17: Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, lisekhona idili labo; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.

Verse 18: Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga: “Kuyini okumnandi kunezinyosi? Kuyini okunamandla kunengonyama na?” Wathi kubo: “Uma beningalimanga ngesithokazi sami, ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”

Verse 19: UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo, wathatha isambatho sabo, wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.

Verse 20: Kepha umkaSamsoni wanikwa kumngane wakhe owabe ngomunye wabayeni bakhe.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories