Verse 1: Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe, njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo, bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;
Verse 2: nabaningi bayakulandela amanyala abo; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa;
Verse 3: nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.
Verse 4: Ngokuba uma uNkulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo, kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni, emigodini yobumnyama, ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,
Verse 5: nezwe lamandulo engaliyekanga, kodwa wamlondoloza uNowa, umshumayeli wokulunga, engowesishiyagalombili, mhla eletha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;
Verse 6: nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;
Verse 7: noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa —
Verse 8: ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo, ehlala phakathi kwabo, wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho —
Verse 9: iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,
Verse 10: ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,
Verse 11: kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.
Verse 12: Kepha laba behlambalaza, benjengezidalwa ezingenangqondo, ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,
Verse 13: bamukele umvuzo wokungalungi. Labo bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo, bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani;
Verse 14: benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono, bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa,
Verse 15: beshiya indlela eqondileyo beduka, belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,
Verse 16: kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho: imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu, yanqabela ukuhlanya komprofethi.
Verse 17: Labo bayimithombo engenamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho, abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.
Verse 18: Ngokuba bekhuluma udwadwa, amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;
Verse 19: bebathembisa inkululeko, kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.
Verse 20: Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu, khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.
Verse 21: Ngokuba ngabe kwaba ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.
Verse 22: Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi: “Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo,” nokuthi: “Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.”