Verse 1: Ngomnyaka wesikhombisa kaJehu uJehowashi waba yinkosi, wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.
Verse 2: UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo.
Verse 3: Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.
Verse 4: UJehowashi wathi kubapristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova, imali eyamukelekayo, imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona, nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova,
Verse 5: makuthathwe ngabapristi, kube yilowo nalowo kumngane wakhe, balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.”
Verse 6: Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu.
Verse 7: Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi, yathi kubo: “Anilungisi ngani izimfa zendlu na? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.”
Verse 8: Abapristi bavuma ukuba bangabe besamukela imali kubantu, futhi bangazilungisi izimfa zendlu.
Verse 9: UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo, wabhoboza imbobo esivalweni sawo, wawubeka eceleni kwe-altare ngakwesokunene lapho umuntu engena endlini kaJehova; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova.
Verse 10: Kwathi lapho bebona ukuthi ikhona imali eningi emphongolweni, umbhali wenkosi nompristi omkhulu benyuka, bayibopha, bayibala imali eyafunyanwa endlini kaJehova.
Verse 11: Banika imali elinganisiweyo ezandleni zabasebenzayo, bengababonisi bendlu kaJehova, bakhokhela ababazi nabakhi ababesebenza endlini kaJehova,
Verse 12: nabakha ngamatshe, nababaza amatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa izimfa zendlu kaJehova, yebo, konke okwakhishelwa indlu ukuyilungisa.
Verse 13: Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva, nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide, nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova,
Verse 14: ngokuba bayinika abasebenzayo, balungisa ngayo indlu kaJehova.
Verse 15: Ababalelananga nabantu imali abayibeka ezandleni zabo ukunika abasebenzayo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.
Verse 16: Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.
Verse 17: Khona uHazayeli inkosi yase-Aramu wenyuka walwa neGati, walithatha; uHazayeli wabhekisa ubuso bakhe ukwenyukela eJerusalema.
Verse 18: UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele, ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise, amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe, nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi, wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.
Verse 19: Ezinye izindaba zikaJowashi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Verse 20: Izinceku zakhe zasuka, zenza ugobe, zambulala uJowashi endlini yaseMilo ekwehleleni eSila.
Verse 21: UJozakari, indodana kaShimeyati, noJehozabadi indodana kaShomeri, izinceku zakhe, bambulala, wafa; bammbela koyise emzini kaDavide. U-Amasiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.