Verse 1: Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”
Verse 2: Wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, wathi:
Verse 3: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.
Verse 4: Kwathi u-Isaya engakaphumi emzini ongaphakathi, izwi likaJehova lafika kuye, lathi:
Verse 5: “Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.
Verse 6: Ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu, ngikophule wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya; ngiyakuwuvikela lo muzi ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.’ ”
Verse 7: Wathi u-Isaya: “Landani isigaxa samakhiwane.” Basilanda, basibeka ethumbeni, wasinda.
Verse 8: Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Siyakuba yini isibonakaliso sokuthi uJehova uyangiphilisa nokuthi ngiyakwenyukela endlini kaJehova ngosuku lwesithathu na?”
Verse 9: Wathi u-Isaya: “Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: isithunzi siyakuya phambili izinyathelo eziyishumi, noma siyakubuya izinyathelo eziyishumi na?”
Verse 10: UHezekiya wathi: “Kulula kuso isithunzi ukuba selule izinyathelo eziyishumi; qha, isithunzi masibuye izinyathelo eziyishumi.”
Verse 11: U-Isaya umprofethi wakhala kuJehova, wasibuyisa isithunzi izinyathelo eziyishumi ebesizehlile ezinyathelweni zika-Ahazi.
Verse 12: Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani, inkosi yaseBabele, wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, ngokuba wayezwile ukuthi uHezekiya kade egula.
Verse 13: UHezekiya wabalalela, wababonisa yonke indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nendlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke angababonisanga yona.
Verse 14: Wayesefika u-Isaya umprofethi enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?” Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude eBabele.”
Verse 15: Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?” UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”
Verse 16: U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova:
Verse 17: Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.
Verse 18: Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”
Verse 19: Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Akunjalo, uma kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami, na?”
Verse 20: Ezinye izindaba zikaHezekiya, nawo onke amandla akhe, nokwenza kwakhe ichibi nomsele, nokungenisa kwakhe amanzi emzini, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?
Verse 21: UHezekiya wayeselala koyise. UManase indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.