Verse 1: USolomoni wahlosa ukwakhela igama likaJehova indlu kanye nendlu yombuso wakhe.
Verse 2: USolomoni wabala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nabantu abayizinkulungwane eziyishiyagalombili ukuba babe ngababazi bamatshe ezintabeni, nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukubabonisa.
Verse 3: USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari, azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.
Verse 4: Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.
Verse 5: “Indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu, ngokuba mkhulu uNkulunkulu wethu phezu kwabo bonke onkulunkulu.
Verse 6: Kodwa ngubani onamandla okumakhela indlu, lokhu izulu nezulu lamazulu lingemanele na? Pho, mina ngingubani ukuba ngimakhele indlu, ukuze kushiswe impepho phambi kwakhe na?
Verse 7: “Ngalokho mawuthume kimi umuntu oyingcweti yokusebenza ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangokububende, nangokubomvu, nangokuluhlaza, owazi ukuqopha yonke imiqopho kanye nezingcweti ezinami kwaJuda naseJerusalema, ezamiswa nguDavide ubaba.
Verse 8: “Ngithumele futhi imisedari, nemisayipuresi, nemi-alimugi evela eLebanoni, ngokuba ngiyazi ukuthi izinceku zakho ziyakwazi ukugawula imithi eLebanoni; bheka, izinceku zami ziyakuba nezinceku zakho
Verse 9: ukungilungisela imithi eminingi, ngokuba indlu engiyakuyakha iyakuba nkulu ngokumangalisayo.
Verse 10: Bheka, ngiyakunika izinceku zakho, abagawuli abagawula imithi, amakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili kakolweni obhuliweyo, namakhora ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ebhali, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili ewayini, namabhati ayizinkulungwane ezingamashumi amabili amafutha.”
Verse 11: UHiramu inkosi yaseTire waphendula ngokuloba, wakuthuma kuSolomoni, wathi: “Ngokuba uJehova uyathanda abantu bakhe, ukubeke inkosi phezu kwabo.”
Verse 12: UHiramu wathi futhi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owenza izulu nomhlaba, nowanika uDavide inkosi indodana ehlakaniphileyo, enolwazi nengqondo, eyakwakhela uJehova indlu nendlu yombuso wakhe.
Verse 13: “Manje sengithumile umuntu ohlakaniphileyo nonolwazi, uHiramu Abi,
Verse 14: indodana yowesifazane wamadodakazi akwaDani; uyise wayengumuntu waseTire, owayekwazi ukusebenza ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangamatshe, nangemithi, nangokububende, nangokuluhlaza, nangelineni elicolekileyo, nangokubomvu, nangokuqopha imiqopho yonke, nangokuqamba yonke imisebenzi yobungcweti, ukuba anikwe indawo kanye nezingcweti zakho nezingcweti zenkosi yami uDavide uyihlo.
Verse 15: “Ngalokho ukolweni, nebhali, namafutha, newayini, inkosi yami ekhulume ngakho, mayikuthume kuzo izinceku zayo.
Verse 16: Thina siyakugawula imithi eLebanoni njengokuswela konke kwakho, siyiyise kuwe eJopha elwandle ngezihlenga, wena uyikhuphulele eJerusalema.”
Verse 17: USolomoni wabala bonke abezizwe ababesezweni lakwa-Israyeli ngokubalwa uDavide uyise ayebabalile ngakho; kwafumaniseka ukuthi babe yizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisihlanu nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha.
Verse 18: Kubona wamisa izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo, nezinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili ukuba babe ngababazi ezintabeni, nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukuba babe ngababonisi bokusebenzisa abantu.