Verse 1: Kwathi ngasekugcineni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo indlu kaJehova nendlu yakhe,
Verse 2: imizi uHiramu anike yona uSolomoni, uSolomoni wayivusa, wahlalisa khona abantwana bakwa-Israyeli.
Verse 3: USolomoni waya eHamati Soba, walahlula.
Verse 4: Wakha iTadimori ehlane, nayo yonke imizi yokubekelela ayakha eHamati.
Verse 5: Wakha neBeti Horoni laseNhla, neBeti Horoni laseNzansi, imizi ebiyelweyo enezingange, namasango, nemigoqo,
Verse 6: kanye neBalati nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nayo yonke imizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nakho konke uSolomoni ayefisa ukukwakha eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lokubusa kwakhe.
Verse 7: Abantu bonke abaseleyo kumaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abakwa-Israyeli,
Verse 8: abantwana babo abasala emva kwabo ezweni, abangaqedwanga ngabantwana bakwa-Israyeli, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi kuze kube namuhla.
Verse 9: Kepha kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila zomsebenzi wakhe, ngokuba babengamadoda empi, nabakhulu bezinduna zakhe, nezinduna zezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.
Verse 10: Lezo zaziyizinduna ezinkulu zenkosi uSolomoni; zazingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, zazibusa phezu kwabantu.
Verse 11: USolomoni wakhuphula indodakazi kaFaro emzini kaDavide, wayiyisa endlini ayakhele yona, ngokuba wathi: “Akuyikuhlala owesifazane endlini kaDavide inkosi yakwa-Israyeli, ngokuba ingcwele, lapho kufike khona umphongolo kaJehova.”
Verse 12: Khona uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova e-altare likaJehova ayelakhe phambi kompheme
Verse 13: njengokudingekayo imihla ngemihla, enikela njengemiyalo kaMose ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo, kathathu ngomnyaka: ngomkhosi wesinkwa esingenamvubelo, nangomkhosi wamasonto, nangomkhosi wamadokodo.
Verse 14: Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundleni zawo ukuba adumise, akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla, nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango, ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.
Verse 15: Abaphambukanga emiyalweni yenkosi kubapristi namaLevi ngalutho, nangengcebo.
Verse 16: Wonke umsebenzi kaSolomoni walungiswa kwaze kwaba lusuku lokubeka isisekelo sendlu kaJehova, yaze yaphela. Yayisiphelile indlu kaJehova.
Verse 17: Khona uSolomoni waya e-Esiyoni Geberi, nase-Elito, ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi.
Verse 18: UHiramu wathuma kuye ngezandla zezinceku zakhe imikhumnbi nezinceku ezazilwazi ulwandle; zafika nezinceku zikaSolomoni e-Ofiri, zalanda khona amatalenta angamakhulu amane namashumi ayisihlanu egolide, zawayisa enkosini uSolomoni.