Ecclesiastes - Chapter 10

Verse 1: Izimpukane ezifileyo zenza amafutha omthaki ukuba anuke, abile; kanjalo ubuwula obuncane bulingana nokuhlakanipha nodumo.

Verse 2: Inhliziyo yohlakaniphileyo ingakwesokunene sakhe, kepha inhliziyo yesiwula ingakwesokhohlo.

Verse 3: Yebo, nasendleleni esihamba ngayo isiwula, siyaphela ingqondo, sisho kubo bonke ukuthi siyisiwula.

Verse 4: Uma umoya wombusi ukuvukela, ungashiyi indawo yakho, ngokuba ukubekezela kuvimba izono ezinkulu.

Verse 5: Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga, bunjengephutha elivela kumbusi:

Verse 6: ubuwula bubekwa ezindaweni eziningi eziphakemeyo, kepha abacebileyo bahlala kweziphansi.

Verse 7: Ngibonile izinceku zikhwele amahhashi, nezikhulu zihamba phansi njengezinceku.

Verse 8: Omba umgodi uyakuwela kuwo, nodiliza ugange uyakulunywa yinyoka.

Verse 9: Okhipha amatshe uyakulinyazwa yiwo, nobanda izinkuni uyakuba sengozini ngazo.

Verse 10: Uma insimbi ibuthuntu, umuntu engaloli usiko, uyakhamelela ngamandla; kepha okusizayo ukuphumelelisa kungukuhlakanipha.

Verse 11: Uma inyoka iluma ingakalunjwa, umlumbi akasizi lutho.

Verse 12: Amazwi omlomo wohlakaniphileyo anomusa, kepha izindebe zesiwula ziyasigwinya sona.

Verse 13: Ukuqala kwamazwi omlomo waso angubuwula, nokugcina kokukhuluma kwaso kungubuhlanya obubi.

Verse 14: Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?

Verse 15: Umshikashika weziwula uyaziqoba, ukuze zingazi nokuya emzini.

Verse 16: Maye kuwe lizwe onkosi yakho ingumntwana, nezikhulu zakho zinedili ekuseni!

Verse 17: Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu, nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi, ziziqinise, zingadakwa.

Verse 18: Ngobuvila obukhulu indlu iyabola, nangokwenqena kwezandla iyavuza.

Verse 19: Idili lenzelwa ukuhleka, newayini liyenamisa ukuphila, kepha imali iyimpendulo yakho konke.

Verse 20: Ungayiqalekisi inkosi nasemicabangweni yakho, ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala, ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi, nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories