Verse 1: Kukhona ububi engibubonile phansi kwelanga ukuthi bunzima phezu kwabantu:
Verse 2: umuntu uNkulunkulu amnika ingcebo, nemfuyo, nodumo, aze angasweli lutho lomphefumulo wakhe kukho konke akufisayo, uNkulunkulu angamniki nokho amandla okudla kukho, kepha kudliwa ngumfokazi; lokho kuyize, kuyisifo esibi.
Verse 3: Uma umuntu ezala abantwana abayikhulu, ehamba iminyaka eminingi, zibe ziningi izinsuku zeminyaka yakhe, kodwa umphefumulo wakhe ungasuthi ngokuhle, futhi angabi nakumbelwa, ngithi okuphuphumileyo kungcono kunaye,
Verse 4: ngokuba kufika ngeze, kumuke ebumnyameni, igama lakho lisitshekelwa ngubumnyama.
Verse 5: Nelanga akulibonanga, akwazi lutho; khona kunokuphumula kunaye.
Verse 6: Yebo, noma ephila iminyaka eyinkulungwane ephindwa kabili, engaboni okuhle, abayi bonke endaweni inye na?
Verse 7: Wonke umshikashika womuntu wenzelwa umlomo wakhe, nokho iphango alaneliswa.
Verse 8: Ngokuba ohlakaniphileyo udluleleni isiwula, nompofu okwazi ukuhamba phambi kwabaphilileyo unantoni na?
Verse 9: Kungcono ukubona kwamehlo kunokuzulazula kwesifiso; nalokhu kuyize nokufuna umoya.
Verse 10: Okukhona kwake kwabizwa ngegama; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.
Verse 11: Lokhu kukhona amazwi amaningi akwandisa okuyize, umuntu unanzuzoni na?
Verse 12: Ngokuba ngubani okwaziyo okuhle okuyakuba ngokomuntu ekuhambeni kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe okuyize aziqedayo njengesithunzi na? Ngubani ongatshela umuntu okuyakuba semva kwakhe phansi kwelanga na?