Verse 1: Isiprofetho ngehlane lolwandle. Njengokudlula kwezivunguvungu eningizimu kuvela ehlane ezweni elesabekayo.
Verse 2: Ngitshelwe umbono olukhuni: umphangi uyaphanga, umchithi uyachitha. Yenyuka, Elamu, vimbezela, Mediya; konke ukukhala kwalo ngikwenza kuphele.
Verse 3: Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.
Verse 4: Ngadukelwa yingqondo, ngashaywa luvalo; ukuhwelela engakulangazelela kwaphenduka ukuthuthumela kimi.
Verse 5: Ngukulungisa itafula yini? Ngukwendlala izindwangu, ukudla nokuphuza, na? Hhayi, sukumani, zikhulu, nicobe izihlangu.
Verse 6: Ngokuba ishilo kanje iNkosi, yathi: “Hamba umise umlindi ozakubika akubonayo.
Verse 7: Lapho ebona abamahhashi, amahhashi amabili ngamabili, nezinkweli zezimbongolo, nezinkweli zamakamela, uyakuqaphela nokuqaphela ngesineke esikhulu.”
Verse 8: Obonayo wayesememeza, wathi: “Nkosi yami, ngimi njalo emini embhoshongweni wami, ngihlezi ngisemlindelweni nasebusuku bonke.
Verse 9: Bheka, kuyeza isigaba samadoda, amahhashi amabili ngamabili. Wathatha wathi: ‘Liwile, liwile iBabele, nazo zonke izithombe ezibaziweyo zawonkulunkulu balo zidilizwe phansi.’ ”
Verse 10: Wena ongokubhuliweyo kwami kwesibuya sami, engikuzwileyo kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, khona ngiyanazisa.
Verse 11: Isiprofetho ngeDuma. Ukhona ongimemeza ngiseSeyiri, ethi: “Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na? Mlindi, yisikhathi sini sobusuku na?”
Verse 12: Umlindi wathi: “Kuyeza ukusa, kepha kuse sebusuku. Uma nithanda ukubuza, buzani; buyani nize.”
Verse 13: Isiprofetho nge-Arabiya. Hlalani ebusuku ehlathini lase-Arabiya nina mahele aseDedanimi.
Verse 14: Owomileyo bamlethela amanzi abakhileyo ezweni laseThema, bahlangabeza ababalekayo nesinkwa.
Verse 15: Ngokuba babalekela izinkemba, izinkemba ezihoshiweyo, neminsalo ensaliweyo, nobunzima bempi.
Verse 16: Ngokuba iNkosi ishilo kimi kanje, yathi: “Phakathi komnyaka, njengeminyaka yomqashwa, udumo lonke lwaseKedari luyakuphela,
Verse 17: nensali yenani leminsalo yamaqhawe abaseKedari iyakuba ncane,” ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile.