Isaiah - Chapter 3

Verse 1: Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawoti iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo, lonke uzime lwesinkwa nalo lonke uzime lwamanzi:

Verse 2: amaqhawe namadoda empi, abahluleli nabaprofethi, ababhuli namalunga,

Verse 3: izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo, abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo, nabanolwazi lokulumba.

Verse 4: Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo, nezingane ziyakubabusa.

Verse 5: Abantu bayakucindezelana, kube yilowo nalowo, yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe; abantwana bayakubhensela abadala, nabadelelekileyo abanodumo.

Verse 6: Lapho umuntu eyakubamba umfowabo endlini kayise ethi: “Wena unengubo, yiba ngumbusi wethu, le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”

Verse 7: ngalona lolo suku uyakudazuluka athi: “Angiyikuba ngumelaphi, ngokuba endlini yami akukho sinkwa, akukho ngubo; ningangibeki umbusi wabantu.”

Verse 8: Ngokuba iJerusalema likhubekile, noJuda uwile, lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

Verse 9: Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.

Verse 10: Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.

Verse 11: Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.

Verse 12: Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela, nabesifazane bayababusa. O bantu bami, abaniholayo bayanidukisa; bachitha indlela yemikhondo yakho.

Verse 13: UJehova usesukumile ukuyokulwa, umi ukuthetha amacala ezizwe.

Verse 14: UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.

Verse 15: Nichobozeleni abantu bami, nigaye ubuso babampofu, na?” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

Verse 16: Wathi futhi uJehova: “Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa, ehamba elula izintamo, eqhikiza amehlo, ehamba ecokama ekuhambeni kwawo, ekhenceza ngezinyawo zawo,

Verse 17: ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.”

Verse 18: Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga,

Verse 19: neziqhaza, namasongo, nezimvakazi,

Verse 20: nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu,

Verse 21: nezindandatho, namacici ekhala,

Verse 22: nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali, nezinqalathi,

Verse 23: nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.

Verse 24: Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola, nasesikhundleni sebhande igoda, nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla, nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka, nasesikhundleni sobuhle isishada.

Verse 25: Amadoda akho ayakuwa ngenkemba namaqhawe akho ngokulwa.

Verse 26: Amasango alo ayakukhala, alile; liyakuba yize, lihlale emhlabathini.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories