John - Chapter 12

Verse 1: kuseyizinsuku eziyisithupha ngaphambi kwePhasika, uJesu wafika eBethaniya, lapho wayekhona uLazaru uJesu amvusa kwabafileyo.

Verse 2: Base bemenzela ukudla khona; uMarta wayephaka, kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi ekudleni naye.

Verse 3: UMariya wayesethatha ilitra lamafutha enadi lodwa elinenani elikhulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wesula izinyawo zakhe ngezinwele zakhe; indlu yagcwala iphunga lamafutha.

Verse 4: Kepha uJuda Iskariyothe, omunye wabafundi bakhe obezakumkhaphela, wathi:

Verse 5: “Yini ukuba lawa mafutha engathengiswanga ngawodenariyu abangamakhulu amathathu, kwaphiwa abampofu, na?”

Verse 6: Washo lokho kungengokuba ekhathalele abampofu, kepha ngokuba eyisela, ephethe isikhwama, eba okufakwa kuso.

Verse 7: Ngakho uJesu wathi: “Myeke ukuba awalondolozele usuku lokumbelwa kwami.

Verse 8: Ngokuba abampofu ninabo njalo, kepha mina aninami njalo.”

Verse 9: Ngakho isixuku esikhulu sabaJuda sezwa ukuthi ulapho. Beza-ke kungengenxa kaJesu kuphela, kepha nokuba babone uLazaru abemvusile kwabafileyo.

Verse 10: Kepha abapristi abakhulu benza icebo lokuba babulale noLazaru,

Verse 11: ngokuba ngenxa yakhe abaningi babaJuda bamuka bakholwa nguJesu.

Verse 12: Ngangomuso abantu abaningi abafike emkhosini sebezwile ukuthi uJesu uyeza eJerusalema,

Verse 13: bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.”

Verse 14: UJesu esefumene imbongolo entsha wakhwela kuyo njengokulotshiwe ukuthi:

Verse 15: “Ungesabi, ndodakazi yaseSiyoni; bheka, iNkosi yakho iza, ikhwele etholeni lembongolo.”

Verse 16: Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.

Verse 17: Ngakho safakaza isixuku esasinaye, lapho ebiza uLazaru aphume ethuneni, emvusa kwabafileyo.

Verse 18: Ngenxa yalokho isixuku saya samhlangabeza, ngokuba sase sizwile ukuthi wayesenzile leso sibonakaliso.

Verse 19: Ngakho abaFarisi bakhuluma bodwa, bathi: “Niyabona ukuthi anisizi lutho; bheka, izwe lonke liyamlandela.”

Verse 20: Kwakukhona amaGreki athile phakathi kwababenyuka ukuba bakhuleke emkhosini.

Verse 21: Lawo-ke aya kuFiliphu waseBetsayida laseGalile, acela kuye, athi: “Nkosi, sithanda ukubona uJesu.”

Verse 22: UFiliphu weza wamtshela u-Andreya. Weza u-Andreya noFiliphu, basho kuJesu.

Verse 23: UJesu waphendula, wathi kubo: “Sesifikile isikhathi sokuba ikhazimuliswe iNdodana yomuntu.

Verse 24: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.

Verse 25: Lowo othanda ukuphila kwakhe ulahlekelwa yikho, nozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyakukulondela ukuphila okuphakade.

Verse 26: Uma umuntu engikhonza, akangilandele; nalapha ngikhona mina, soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

Verse 27: “Kalokhu umphefumulo wami ulusizi, ngizakuthini na? Baba, ngisindise kulo mzuzu. Kodwa ngenxa yalokhu ngize kulo mzuzu.

Verse 28: Baba, khazimulisa igama lakho.” Kwase kufika izwi livela ezulwini, lithi: “Ngilikhazimulisile, ngobuye ngilikhazimulise.”

Verse 29: Ngakho abantu ababemi bezwa bathi: “Beliduma;” abanye bathi: “Ingelosi ikhulume kuye.”

Verse 30: UJesu waphendula wathi: “Leli zwi alizanga ngenxa yami kepha ngenxa yenu.

Verse 31: Kalokhu kungukwahlulelwa kwaleli zwe; kalokhu umbusi waleli zwe uzakuxoshwa.

Verse 32: Mina, nxa ngiphakanyiswa emhlabeni, ngiyakubadonsela kimi bonke.”

Verse 33: Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho.

Verse 34: Ngakho isixuku samphendula sathi: “Sizwile emthethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?”

Verse 35: Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.

Verse 36: Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya, ukuze nibe ngabantwana bokukhanya.” Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo.

Verse 37: Kepha noma ebezenzile izibonakaliso ezingaka phambi kwabo, abakholwanga nguye

Verse 38: ukuba izwi lika-Isaya umprofethi ligcwaliseke, alikhuluma lokuthi: “Nkosi, ngubani owakholwa ngukushumayela kwethu na? Ingalo yeNkosi yambulelwa bani na?”

Verse 39: Ngalokho babengekholwe, ngokuba u-Isaya washo futhi ukuthi:

Verse 40: “Uphuphuthekisile amehlo abo, wayenza lukhuni inhliziyo yabo, funa babone ngamehlo, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.”

Verse 41: U-Isaya wakusho lokho, ngokuba ebona inkazimulo yakhe, ekhuluma ngaye.

Verse 42: Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;

Verse 43: ngokuba babethanda udumo lwabantu kunodumo lukaNkulunkulu.

Verse 44: Khona uJesu wamemeza wathi: “Okholwa yimi kakholwa yimi kepha ngongithumileyo.

Verse 45: Obona mina ubona ongithumileyo.

Verse 46: Ngize ezweni ngingukukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.

Verse 47: “Uma umuntu ezwa amazwi ami engawalondi, lowo angimahluleli mina, ngokuba angizanga ukuba ngahlulele izwe, kepha ukuba ngisindise izwe.

Verse 48: Ongalayo engawamukeli amazwi ami unomahlulelayo; izwi engalikhulumayo yilona eliyakumahlulela ngosuku lokugcina.

Verse 49: Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami, kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni.

Verse 50: Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade. Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories