John - Chapter 17

Verse 1: UJesu wakhuluma lokho; wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sifikile; khazimulisa iNdodana yakho, ukuze iNdodana ikukhazimulise wena,

Verse 2: njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.

Verse 3: Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.

Verse 4: Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngifeze umsebenzi ongiphe wona ukuba ngiwenze.

Verse 5: Manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho.

Verse 6: “Ngibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasezweni; babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.

Verse 7: Sebazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.

Verse 8: Ngokuba amazwi ongiphe wona ngibaphile wona, bawamukela, bazi isibili ukuthi ngavela kuwe, bakholwa ukuthi wangithuma wena.

Verse 9: Ngiyabakhulekela bona; angikhulekeli izwe kepha labo ongiphe bona, ngokuba bengabakho.

Verse 10: Konke okwami kungokwakho, nokwakho kungokwami; ngikhazimulisiwe kubona.

Verse 11: Angisekho ezweni mina, basezweni bona, mina ngiza kuwe. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.

Verse 12: Lapho ngise nabo ezweni, ngabagcina egameni lakho labo ongiphe bona, ngabalonda; akakho kubo owalahleka, kuphela indodana yokulahlwa, ukuba kugcwaliseke umbhalo.

Verse 13: “Sengiza kuwe kalokhu; ngikhuluma lokhu ezweni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.

Verse 14: Mina ngibanikile izwi lakho; izwe labazonda, ngokuba bengesibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

Verse 15: Angiceli ukuba ubasuse ezweni; kepha ngicela ukuba ubalonde kokubi.

Verse 16: Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.

Verse 17: Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

Verse 18: Njengalokho wangithumela ezweni, nami ngibathumela ezweni.

Verse 19: Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.

Verse 20: “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo

Verse 21: ukuba bonke babe munye, njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.

Verse 22: Nenkazimulo ongiphe yona ngiyiphile bona, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye,

Verse 23: mina kubona, nawe kimina, ukuba bapheleliswe ebunyeni, ukuze izwe lazi ukuba wena ungithumile, wabathanda, njengalokho ungithandile.

Verse 24: “Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.

Verse 25: “Baba olungileyo, izwe kalikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.

Verse 26: Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories