Acts - Chapter 17

Verse 1: sebedabulile i-Amfipholi ne-Apholoniya, bafika eThesalonika, lapho kwakukhona isinagoge labaJuda.

Verse 2: Kepha uPawulu njengokwenza kwakhe wangena kubo, waphendulana nabo amasabatha amathathu, ethathela emibhalweni,

Verse 3: ebavulela, ebachasisela ukuthi kwakumelwe ukuba uKristu ahlupheke, avuke kwabafileyo, ethi futhi: “UJesu lo engimshumayela kini unguKristu.”

Verse 4: Base bevuma abanye kubo, bazihlanganisa noPawulu noSila, futhi nesixuku esikhulu samaGreki akholwayo, kanye nabesifazane abadumileyo abangeyingcosana.

Verse 5: Kepha abaJuda benomhawu bathatha kumabhukudwane abalisa abathile ababi, besusa isiyaluyalu phakathi kwabantu, baxokozelisa umuzi; bahlasela indlu kaJasoni befuna ukubakhiphela kubantu;

Verse 6: kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha,

Verse 7: uJasoni ubamukele; bonke laba benza okuphambene nezimiso zikaKesari, bethi kukhona enye inkosi, nguJesu.”

Verse 8: Kepha bethusa isixuku nabaphathimuzi abezwa lokho,

Verse 9: bathatha isibambiso kuJasoni nakwabanye, babakhulula.

Verse 10: Kepha abazalwane bamukisa oPawulu noSila masinyane ebusuku ukuba baye eBereya; bona sebefikile khona bangena esinagogeni labaJuda.

Verse 11: Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.

Verse 12: Ngakho abaningi kubo bakholwa, nabesifazane abanesithunzi abangamaGreki, namadoda angeyingcosana.

Verse 13: Kwathi abaJuda baseThesalonika sebezwile ukuthi izwi likaNkulunkulu limenyezelwe nguPawulu naseBereya, beza nakhona, bazinyakazisa bezivusa izixuku.

Verse 14: Khona abazalwane bamukisa masinyane uPawulu ukuba aze afike elwandle; kepha oSila noThimothewu basala khona.

Verse 15: Abamphelekezelayo uPawulu bamfikisa e-Athene; kwathi sebamukele isiyalezo ngoSila nangoThimothewu sokuba beze kuye ngokushesha okukhulu, bamuka.

Verse 16: Kwathi uPawulu esabalinda e-Athene, umoya wakhe wacunuka phakathi kwakhe ebona umuzi ugcwele izithombe.

Verse 17: Ngakho-ke wakhuluma esinagogeni kubaJuda nakuwo amakholwa nasesigcawini imihla ngemihla kubo ababesuke bekhona.

Verse 18: Kepha abathile kuzo izazi zama-Epikhuru nezamaStoyiku baphikisana naye; abanye bathi: “Leli phoshophosho lithini na?” Abanye bathi: “Kungathi ungomemezela onkulunkulu abangaziwayo,” ngokuba wayeshumayela ivangeli ngoJesu nangokuvuka kwabafileyo.

Verse 19: Base bemthatha, bamyisa e-Areyophagu, bethi: “Ungesazise ukuthi siyini lesi sifundiso esisha esikhulunywa nguwe na?

Verse 20: Ngokuba uletha ezindlebeni zethu okuthile okungaziwayo; ngalokho sifuna ukwazi ukuthi lokhu kungaba yini.”

Verse 21: Ngokuba bonke abase-Athene nabafokazi abakhe khona babengazilibazisi ngokunye, kuphela ngokukhuluma nokuzwa izindaba ezintsha.

Verse 22: UPawulu wema-ke phakathi ne-Areyophagu, wathi: “Madoda ase-Athene, ngiyabona ngakho konke ukuthi nikhonza kakhulu onkulunkulu.

Verse 23: Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.

Verse 24: “UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;

Verse 25: futhi akakhonzwa ngezandla zabantu ngokungathi udinga utho, yena obapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke;

Verse 26: wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,

Verse 27: ukuze zifune uNkulunkulu, ingabe zingamuzwa, zimfumane; ingani kakude kulowo nalowo kithi.

Verse 28: ‘Ngokuba siphila, sihamba, sikhona kuye,’ njengalokho izimbongi ezithile zakini zishilo zathi: “ ‘Ngokuba futhi siyinzalo yakhe.’

Verse 29: “Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.

Verse 30: Ngokuba izikhathi zokungazi wazithalalisa uNkulunkulu, kodwa kalokhu usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,

Verse 31: njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”

Verse 32: Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”

Verse 33: Kanjalo uPawulu waphuma phakathi kwabo.

Verse 34: Kepha amadoda athile anamathela kuye, akholwa; phakathi kwawo kwakukhona noDiyonisiyu wase-Areyophagu, nowesifazane ogama lakhe linguDamari, nabanye kanye nabo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories