Acts - Chapter 8

Verse 1: Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe. Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa.

Verse 2: Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu.

Verse 3: Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.

Verse 4: Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli.

Verse 5: UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu.

Verse 6: Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo.

Verse 7: Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa;

Verse 8: kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.

Verse 9: Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu;

Verse 10: banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,”

Verse 11: babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe.

Verse 12: Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane.

Verse 13: Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.

Verse 14: Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane;

Verse 15: sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele,

Verse 16: ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela.

Verse 17: Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.

Verse 18: Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo,

Verse 19: wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.”

Verse 20: Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali.

Verse 21: Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu.

Verse 22: Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho,

Verse 23: ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”

Verse 24: USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”

Verse 25: Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.

Verse 26: Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.”

Verse 27: Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka;

Verse 28: ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya.

Verse 29: UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”

Verse 30: UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”

Verse 31: Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

Verse 32: Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi: “Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; njengewundlu elithule phambi komgundi walo kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.

Verse 33: Ekuthobeleni kwakhe ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa. Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na? Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.”

Verse 34: Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?”

Verse 35: UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

Verse 36: Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?”

Verse 37: UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.” Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.”

Verse 38: Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.

Verse 39: Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza.

Verse 40: Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories