Verse 1: Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.
Verse 2: Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.
Verse 3: Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu.
Verse 4: Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha, ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo.
Verse 5: Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile.
Verse 6: Ngokuba uma owesifazane engagubuzele, akagundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphuce, akagubuzele.
Verse 7: Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda.
Verse 8: Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni.
Verse 9: Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda.
Verse 10: Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.
Verse 11: Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane,
Verse 12: ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu.
Verse 13: Ziboneleni nina ngokwenu; kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na?
Verse 14: Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo,
Verse 15: nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe yisimbozo.
Verse 16: Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.
Verse 17: Kepha nxa ngiyala ngalokho, anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi.
Verse 18: Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho.
Verse 19: Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale.
Verse 20: Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho;
Verse 21: ngokuba ekudleni kwenu yilowo nalowo uthatha okwakhe ukudla ngaphambili, omunye alambe, omunye adakwe.
Verse 22: Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na? Kumbe niyalidelela yini ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenanto na? Ngizakuthini kini na? Nginibonge na? Anginibongi ngalokho.
Verse 23: Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa,
Verse 24: wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.”
Verse 25: Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.”
Verse 26: Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.
Verse 27: Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi.
Verse 28: Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha.
Verse 29: Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi.
Verse 30: Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele.
Verse 31: Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa.
Verse 32: Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.
Verse 33: Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana.
Verse 34: Uma omunye elambile, akadle ekhaya ukuba ningabuthaneli ukulahlwa. Kepha okuseleyo ngokulungisa mhla ngifikayo.