1 Corinthians - Chapter 15

Verse 1: Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo,

Verse 2: nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize.

Verse 3: Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo,

Verse 4: nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,

Verse 5: nokuthi wabonwa nguKhefase; wayesebonwa ngabayishumi nambili;

Verse 6: emva kwalokho wabonwa ngasikhathi sinye ngabazalwane abadlula amakhulu ayisihlanu, iningi labo lisekhona nakalokhu, kepha abanye sebelele;

Verse 7: emva kwalokho wabonwa nguJakobe; ngasemuva wabonwa ngabaphostoli bonke;

Verse 8: ekugcineni kwabo bonke wabonwa nayimina enginjengozelwe kungakabi yisikhathi.

Verse 9: Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu.

Verse 10: Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.

Verse 11: Ngakho-ke noma kuyimina noma kuyibona, sishumayela kanjalo, nakholwa kanjalo.

Verse 12: Kepha-ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na?

Verse 13: Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, akavuswanga naye uKristu.

Verse 14: Kepha uma uKristu engavuswanga kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize.

Verse 15: Yebo, sifunyanwa singofakazi bamanga ngoNkulunkulu, ngokuba safakaza ngoNkulunkulu ukuthi wamvusa uKristu, angamvusanga kambe, uma kanti abafileyo bengavuswa.

Verse 16: Ngokuba uma abafileyo bengavuswa, akavuswanga naye uKristu.

Verse 17: Kepha uma uKristu engavuswanga, ukukholwa kwenu akusizi lutho, nisesezonweni zenu.

Verse 18: Khona-ke nalabo asebalala bekuKristu babhubhile.

Verse 19: Uma singabathembela kuKristu kulokhu kuphila kuphela, singabokukhalelwa kunabantu bonke.

Verse 20: Kepha kalokhu uKristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo.

Verse 21: Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

Verse 22: Ngokuba njengalokhu ku-Adamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa.

Verse 23: Kepha yilowo nalowo ngesigaba sakhe: uKristu kuqala, bese kuba ngabangabakaKristu ekufikeni kwakhe,

Verse 24: andukuba kufike ukuphela, nxa enikela umbuso kuNkulunkulu uYise, lapho esechithile ukubusa konke, nobukhosi bonke, namandla.

Verse 25: Ngokuba umelwe ukubusa, aze abeke izitha zonke phansi kwezinyawo zakhe.

Verse 26: Isitha sokugcina esiyakuchithwa singukufa.

Verse 27: Ngokuba izinto zonke uzithobisele phansi kwezinyawo zakhe. Kepha nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe,” kusobala ukuthi ungaphandle kwazo yena ozithobisele phansi kwakhe.

Verse 28: Kodwa nxa izinto zonke sezithotshiselwe phansi kwakhe, lapho-ke nayo iNdodana iyakuzithoba phansi kwalowo owathobisa zonke izinto phansi kwayo, ukuze uNkulunkulu abe yikho konke kukho konke.

Verse 29: Pho, bayakwenze njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhapathizelwani ngenxa yabo na?

Verse 30: Futhi sizifakelani thina engozini imizuzu yonke na?

Verse 31: Bazalwane, ngiyaqinisa ngokubongwa enginakho ngenxa yenu kuKristu Jesu iNkosi yethu, ngiyafa mihla yonke.

Verse 32: Uma ngalwa nezilo e-Efesu ngokwabantu, nginanzuzoni? Uma abafileyo bengavuki, masidle, siphuze, ngokuba ngomuso sizakufa.

Verse 33: Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle.

Verse 34: Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.

Verse 35: Kepha omunye uyakuthi: “Abafileyo bavuswa kanjani na? Beza benamzimba muni na?”

Verse 36: Wena ongaqondiyo, lokho okuhlwanyelayo wena akutholi ukuphila kungafanga;

Verse 37: futhi lokho okuhlwanyelayo awuhlwanyeli umzimba ozakuba khona kepha uhlamvu oluze, noma kungaba ngolukakolweni, noma kungaba ngolokunye;

Verse 38: kepha uNkulunkulu ulunika umzimba njengokuthanda kwakhe, yileyo naleyo mbewu owayo umzimba.

Verse 39: Inyama yonke ayinhlobonye, kepha enye ngeyabantu, enye yinyama yezilwane, enye yinyama yezinyoni, enye ngeyezinhlanzi.

Verse 40: Ikhona nemizimba yasezulwini nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yeyasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni iyodwa.

Verse 41: Iyodwa inkazimulo yelanga, iyodwa inkazimulo yenyanga, iyodwa inkazimulo yezinkanyezi; yebo, enye inkanyezi yahlukile kwenye inkanyezi ngokukhazimula.

Verse 42: Kunjalo nokuvuka kwabafileyo. Kuhlwanyelwa kunokubola, kuvuswa kungenakubola;

Verse 43: kuhlwanyelwa kunokudelwa, kuvuswa kunenkazimulo; kuhlwanyelwa kunobuthakathaka, kuvuswa kunamandla.

Verse 44: Kuhlwanyelwa kungumzimba wemvelo, kuvuswa kungumzimba womoya. Uma ukhona umzimba wemvelo, ukhona nowomoya.

Verse 45: Kanjalo futhi kulotshiwe ukuthi umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; u-Adamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.

Verse 46: Kepha okokuqala akusikho okomoya kodwa okwemvelo; bese kuba ngokomoya.

Verse 47: Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, engowenhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.

Verse 48: Njengokuba enjalo owayengowenhlabathi, banjalo nalabo abangabenhlabathi; nanjengokuba enjalo ongowasezulwini, banjalo nabo abangabasezulwini.

Verse 49: Futhi njengokuba besinesimo songowenhlabathi, siyakuba nesimo songowasezulwini futhi.

Verse 50: Kepha ngisho lokhu, bazalwane, ukuthi inyama negazi akunakulidla ifa elingumbuso kaNkulunkulu; nokubola akulidli ifa elingukungaboli.

Verse 51: Bhekani, ngiyanitshela imfihlakalo; asiyikulala sonke, kepha siyakuguqulwa sonke,

Verse 52: ngesikhashanyana, ngokuphazima kweso, ngecilongo lokugcina; ngokuba icilongo liyakukhala, abafileyo bavuswe bengenakubola, thina siguqulwe.

Verse 53: Ngokuba lokhu okubolayo kumelwe ukwembatha ukungaboli, nalokhu okufayo kumelwe ukwembatha ukungafi.

Verse 54: Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”

Verse 55: “Kufa, kuphi ukunqoba kwakho na? Kufa, luphi udosi lwakho na?”

Verse 56: Udosi lokufa yisono; amandla esono ngumthetho.

Verse 57: Kepha makabongwe uNkulunkulu osinika ukunqoba ngeNkosi yethu uJesu Kristu.

Verse 58: Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories