1 Thessalonians - Chapter 2

Verse 1: niyazi nina bazalwane ukuthi ukungena kwethu kinina akubanga yize.

Verse 2: Kepha noma sasihlushiwe kuqala saphathwa kabi eFilipi, njengokuba nazi, saba nesibindi kuNkulunkulu wethu sokunishumayeza ivangeli likaNkulunkulu ngokulwa okukhulu.

Verse 3: Ngokuba ukuyala kwethu akusikho okokuduka nokokungcola nangenkohliso,

Verse 4: kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.

Verse 5: Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi; asizange futhi sibe nobuqili bokufisa, uNkulunkulu ungufakazi,

Verse 6: singafunanga nokutuswa ngabantu, nakinina nakwabanye,

Verse 7: ingani sasingaba namandla okunisinda njengabaphostoli bakaKristu, nokho saba mnene phakathi kwenu njengokuba umdlezane ondla abantwana bakhe.

Verse 8: Ngokunjalo lokhu besinilangazelele, sasifuna ukuninika kungesilo ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kepha nokuphila kwethu uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithina.

Verse 9: Ngokuba niyakhumbula, bazalwane, ukukhandleka nokushikashikeka kwethu; sisebenza ubusuku nemini, ukuze singasindi noyedwa kinina, sanishumayeza ivangeli likaNkulunkulu.

Verse 10: Nina ningofakazi, naye uNkulunkulu, bokuthi sahlala kanjani phakathi kwenu nina enikholwayo ngobungcwele, nangokulunga, nangokungasoleki,

Verse 11: njengokuba nazi ukuthi saniphatha abanye ngabanye njengoyise ephatha abantwana bakhe,

Verse 12: siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.

Verse 13: Ngalokho nathi sibonga uNkulunkulu singaphezi, ngokuba, kuthe lapho namukela izwi likaNkulunkulu enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu kepha njengezwi likaNkulunkulu, njengokuba liyilo isibili, elona lisebenza futhi phakathi kwenu nina enikholwayo.

Verse 14: Ngokuba nina bazalwane naba ngabalingisi bamabandla kaNkulunkulu aseJudiya akuKristu Jesu, ngokuba nani nahlushwa ngabesizwe sakini, njengalokho nawo ahlushwa ngabaJuda

Verse 15: ababulala neNkosi uJesu nabaprofethi, basixosha nathi, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,

Verse 16: besivimbela ukukhuluma nabezizwe ukuba basindiswe, ukuze bagcwalise njalo izono zabo; kepha ulaka selufinyelele phezu kwabo ngokupheleleyo.

Verse 17: Kepha thina, bazalwane, lokhu besahlukanisiwe nani isikhashana ngobuso kungenganhliziyo, kwaba yikhona sikhuthalela kakhulu ukubona ubuso benu ngokunxanela okukhulu.

Verse 18: Ngakho besithanda ukuza kinina, mina Pawulu ngokwami kanye nakabili, kepha uSathane wasivimbela.

Verse 19: Ngokuba liyini ithemba lethu, nokuthokoza, nomqhele wokuzibonga phambi kweNkosi yethu uJesu Kristu ekufikeni kwakhe, kungeyinina na?

Verse 20: Ngokuba nina niludumo lwethu nokuthokoza kwethu.

Select Chapter
1 2 3 4 5
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories