Verse 1: Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa,
Verse 2: ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
Verse 3: Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.
Verse 4: Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela,
Verse 5: ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;
Verse 6: ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
Verse 7: Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;
Verse 8: kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;
Verse 9: ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu
Verse 10: owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.
Verse 11: Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
Verse 12: Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,
Verse 13: nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.
Verse 14: Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.
Verse 15: Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
Verse 16: Thokozani njalo;
Verse 17: khulekani ningaphezi;
Verse 18: kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
Verse 19: Ningamcimi uMoya;
Verse 20: ningakudeleli ukuprofetha;
Verse 21: vivinyani konke, nibambisise okuhle;
Verse 22: dedani kukho konke okubonakala kukubi.
Verse 23: Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
Verse 24: Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
Verse 25: Bazalwane, sikhulekeleni.
Verse 26: Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele.
Verse 27: Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
Verse 28: Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.