Verse 1: Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa, kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora.
Verse 2: Ngase ngibona izingelosi eziyisikhombisa zimi phambi kukaNkulunkulu, zanikwa amacilongo ayisikhombisa.
Verse 3: Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.
Verse 4: Kwase kwenyuka esandleni sengelosi umusi wempepho nemikhuleko yabangcwele phambi kukaNkulunkulu.
Verse 5: Ingelosi yayisithabatha isitsha sempepho, yasigcwalisa ngomlilo wase-altare, yasiphonsa emhlabeni; kwase kuba khona ukuduma, namazwi, nemibani, nokuzamazama komhlaba.
Verse 6: Izingelosi eziyisikhombisa ezazinamacilongo ayisikhombisa zazilungiselela ukubetha.
Verse 7: Eyokuqala yayisibetha; kwase kuba khona isichotho nomlilo kuxutshaniswe negazi, kwaphonswa emhlabeni; okwesithathu komhlaba kwasha kwaqothuka, nokwesithathu kwemithi kwasha kwaqothuka, nabo bonke utshani obuluhlaza basha baqothuka.
Verse 8: Ingelosi yesibili yayisibetha; kwangathi intaba enkulu ivutha umlilo, yaphonswa elwandle; okwesithathu kolwandle kwaba yigazi,
Verse 9: kwafa okwesithathu kokudaliweyo okwakuselwandle okuphilayo, nokwesithathu kwemikhumbi kwabhujiswa.
Verse 10: Ingelosi yesithathu yayisibetha; kwase kuwa ezulwini inkanyezi enkulu ivuthisa okwesibani, yawela phezu kokwesithathu kwemifula naphezu kwemithombo yamanzi.
Verse 11: Igama lenkanyezi lithiwa uMhlonyane. Okwesithathu kwamanzi kwaba ngumhlonyane, nabaningi kubantu bafa ngamanzi, ngokuba enziwa ababa.
Verse 12: Ingelosi yesine yayisibetha; kwashaywa okwesithathu kwelanga, nokwesithathu kwenyanga, nokwesithathu kwezinkanyezi, ukuze okwesithathu kwakho kufiphazwe, nemini ingakhanyi okwesithathu kwayo, nobusuku ngokunjalo.
Verse 13: Ngase ngibona, ngezwa ukhozi lundiza emkhathini wezulu, lumemeza ngezwi elikhulu, luthi: “Maye, maye, maye kwabakhileyo emhlabeni ngokunye ukukhala kwecilongo lezingelosi ezintathu ezisezakubetha!”