Revelation - Chapter 9

Verse 1: yesihlanu yayisibetha; ngase ngibona inkanyezi ivela ezulwini, iwela emhlabeni, yanikwa isihluthulelo somgodi wakwalasha.

Verse 2: Yayisivula umgodi wakwalasha; kwenyuka umusi emgodini njengomusi weziko elikhulu, kwafiphazwa ilanga nomkhathi ngomusi womgodi.

Verse 3: Kwaphuma isikhonyane emsini, seza emhlabeni, sanikwa amandla njengamandla abanawo ofezela bomhlaba.

Verse 4: Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba, nanye into eluhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

Verse 5: Sanikwa ukuba singababulali kepha sibahluphe izinyanga eziyisihlanu; nokuhlushwa kwabo kwaba njengobuhlungu bukafezela, nxa emqosela umuntu.

Verse 6: Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.

Verse 7: Nesimo sesikhonyane sasifana namahhashi alungiselwe ukulwa, nasemakhanda aso kukhona okunjengemiqhele efana negolide, nobuso bunjengobuso babantu;

Verse 8: futhi sasinezinwele ezinjengezinwele zabesifazane, namazinyo aso ayenjengawezingonyama,

Verse 9: sinezivikelo zezifuba njengezivikelo zensimbi, nomdumo wamaphiko aso wawunjengomdumo wezinqola zamahhashi amaningi egijimela ekulweni.

Verse 10: Sasinemisila efana neyawofezela inezindosi, nasemisileni yaso kukhona amandla aso okona abantu izinyanga eziyisihlanu.

Verse 11: Sinenkosi phezu kwaso, ingelosi yakwalasha, igama layo ngesiHeberu lingu-Abadoni, kepha ngesiGreki inegama lokuthi u-Apholiyoni.

Verse 12: UMaye wokuqala udlulile; bheka, kuseza oMaye ababili ngasemva kwalokho.

Verse 13: Ingelosi yesithupha yayisibetha; ngezwa izwi livela ezimpondweni ezine ze-altare legolide eliphambi kukaNkulunkulu,

Verse 14: lithi kuyo ingelosi yesithupha enecilongo: “Thukulula izingelosi ezine eziboshwe ngasemfuleni omkhulu u-Ewufrathe.”

Verse 15: Zase zithukululwa izingelosi ezine ezilungiselwe ihora, nosuku, nenyanga, nomnyaka, ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.

Verse 16: Umumo wezimpi zabakhwele amahhashi wawungukuphindwa kabili kwezinkulungwane eziyishumi ziphindwe kazinkulungwane eziyishumi.

Verse 17: Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.

Verse 18: Ngalezo zinhlupho ezintathu kwabulawa okwesithathu kwabantu ngomlilo, nangomusi, nangesibabule, okwaphuma emilonyeni yawo.

Verse 19: Ngokuba amandla amahhashi asemilonyeni yawo nasemisileni yawo; ngokuba imisila yawo ifana nezinyoka, inamakhanda ona ngawo.

Verse 20: Kepha abaseleyo babantu abangabulawanga ngalezo zinhlupho abaphendukanga emisebenzini yezandla zabo ukuba bangakhuleki kuwo amademoni, nezithombe zegolide, nezesiliva, nezethusi, nezamatshe, nezemithi, ezingenakho ukubona, nakuzwa, nakuhamba,

Verse 21: futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories