Verse 1: Wonke u-Israyeli wabuthana kuDavide, wathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
Verse 2: Nangesikhathi esidlulileyo uSawule eseyinkosi, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova uNkulunkulu wakho wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wabantu bami u-Israyeli.’ ”
Verse 3: Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.
Verse 4: UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.
Verse 5: Abakhileyo eJebusi bathi kuDavide: “Awuyikungena lapha.” UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
Verse 6: UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.
Verse 7: UDavide wahlala enqabeni; ngalokho bayibiza ngokuthi umuzi kaDavide.
Verse 8: Wakha umuzi nxazonke kusukela eMilo kuya nxazonke; uJowabe wavusa okuseleyo komuzi.
Verse 9: UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.
Verse 10: Yilaba abayizinhloko zamaqhawe uDavide ayenazo, zibambelela kuye ngamandla ebukhosini bakhe kanye naye wonke u-Israyeli ukumbeka inkosi njengezwi likaJehova ngo-Israyeli.
Verse 11: Nanku umumo wamaqhawe uDavide ayenawo: uJashobehamu indodana yomHakimoni, inhloko yamashumi amathathu; waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala ngasikhathi sinye.
Verse 12: Emva kwakhe ngu-Eleyazare indodana kaDodo umAhohi owayengomunye wamaqhawe amathathu.
Verse 13: WayenoDavide ePhasi Damimi; amaFilisti abuthana khona ukuyokulwa, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele ibhali; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti.
Verse 14: Bema phakathi nesiqephu sezwe, basophula, bawabulala amaFilisti; uJehova wabasindisa ngokusindisa okukhulu.
Verse 15: Kwehla abathathu kwabayizinhloko ezingamashumi amathathu, baya etsheni kuDavide emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
Verse 16: UDavide wayesesenqabeni, ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema.
Verse 17: UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni.”
Verse 18: Labo abathathu bafohla ikamu lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:
Verse 19: “UNkulunkulu wami makangenqabele ukuba ngenze lokhu; ngiyakuphuza igazi lalaba bantu ababe sengozini na?” Ngokuba bawaletha besengozini; akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
Verse 20: U-Abishayi umfowabo kaJowabe wayeyinhloko yabathathu, ngokuba waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalaba abathathu.
Verse 21: Kulaba abathathu wayetusekile kunababili, waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala.
Verse 22: NoBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa.
Verse 23: Wabulala nowaseGibithe, umuntu omude, eyizingalo eziyisihlanu; esandleni sowaseGibithe kwakukhona umkhonto onjengogongolo lomaluki; wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.
Verse 24: Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.
Verse 25: Bheka, wayetusekile kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala; uDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
Verse 26: Amaqhawe anamandla nanka: u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
Verse 27: noShamoti waseHarori, noHelesi wasePheloni,
Verse 28: no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, no-Abiyezeri wase-Anathoti,
Verse 29: noSibekayi umHushati, no-Ilayi umAhohi,
Verse 30: noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa,
Verse 31: no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, noBenaya wasePirathoni,
Verse 32: noHurayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, no-Abiyeli wase-Araba,
Verse 33: no-Azimaveti waseBaharumi, no-Eliyaba waseShahaliboni,
Verse 34: namadodana kaHashemi waseGizoni, noJonathani indodana kaShage waseHarari,
Verse 35: no-Ahiyamu indodana kaSakri waseHarari, no-Elifali indodana ka-Uri,
Verse 36: noHeferi waseMekeri, no-Ahiya wasePheloni,
Verse 37: noHesiro waseKarmeli, noNaharayi indodana ka-Ezibayi,
Verse 38: noJoweli umfowabo kaNathani, noMibihari indodana kaHagiri,
Verse 39: noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, udibi lukaJowabe indodana kaSeruya,
Verse 40: no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
Verse 41: no-Uriya umHeti, noZabadi indodana ka-Ahilayi,
Verse 42: no-Adina indodana kaShiza wakwaRubeni, inhloko yakwaRubeni, enabangamashumi amathathu,
Verse 43: noHanani indodana kaMahakha, noJeshoshafati umMiteni,
Verse 44: no-Uziya wase-Ashitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu wase-Aroweri,
Verse 45: noJediyayeli indodana kaShimri, noJoha umfowabo umThisi,
Verse 46: no-Eliyeli umMahavi, noJeribayi noJoshaviya amadodana ka-Elinahama, no-Itima wakwaMowabi,
Verse 47: no-Eliyeli, no-Obede, noJahashiyeli umMesoba.