Verse 1: USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli.
Verse 2: UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.”
Verse 3: UJowabe wathi: “UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani le nto na? Iyakuba yicala ngani ku-Israyeli na?”
Verse 4: Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe. UJowabe waphuma, wadabula wonke u-Israyeli, wafika eJerusalema.
Verse 5: UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo; wonke u-Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungwane eziyikhulu abahloma inkemba; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.
Verse 6: Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe.
Verse 7: Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.
Verse 8: UDavide wayesethi kuNkulunkulu: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”
Verse 9: UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi:
Verse 10: “Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”
Verse 11: UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi:
Verse 12: ‘Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.’ Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”
Verse 13: UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”
Verse 14: UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa.
Verse 15: UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini echithayo: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.
Verse 16: UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.
Verse 17: UDavide wathi kuNkulunkulu: “Akusimi yini owayaleza ukuba abantu babalwe na? Yimina engonileyo; ngenze kabi kakhulu, kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami, masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, singabi phezu kwabantu bakho ukubashaya ngesifo.”
Verse 18: Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi.
Verse 19: UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova.
Verse 20: U-Orinani waphenduka, wayibona ingelosi; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni.
Verse 21: UDavide esefika ku-Orinani, u-Orinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.
Verse 22: UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.”
Verse 23: U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.”
Verse 24: Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.”
Verse 25: UDavide wayesemnika u-Orinani ngendawo amashekeli angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo.
Verse 26: UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.
Verse 27: UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.
Verse 28: Ngaleso sikhathi lapho uDavide esebonile ukuthi uJehova umphendulile esibuyeni sika-Orinani umJebusi, wahlaba khona.
Verse 29: Ngokuba itabernakele likaJehova alenza uMose ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngaleso sikhathi.
Verse 30: Kepha uDavide wayengenakuya phambi kwalo ukubuza kuNkulunkulu, ngokuba wagebhezelela inkemba yengelosi kaJehova.