1 Chronicles - Chapter 5

Verse 1: Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo.

Verse 2: Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.

Verse 3: Amadodana-ke kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.

Verse 4: Amadodana kaJoweli: nguShemaya indodana yakhe, noGogi indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe,

Verse 5: noMika indodana yakhe, noRewaya indodana yakhe, noBali indodana yakhe,

Verse 6: noBera indodana yakhe, owathunjwa nguThiligati Phileneseri inkosi yase-Asiriya; wayeyisikhulu sabakwaRubeni.

Verse 7: Nabafowabo ngemindeni yabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo: ngoJehiyeli inhloko noZakariya,

Verse 8: noBela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owahlala e-Aroweri kwaze kwaba seNebo noBali Mehoni.

Verse 9: Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi.

Verse 10: Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.

Verse 11: Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka:

Verse 12: ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani;

Verse 13: nabafowabo ngezindlu zawoyise: ngoMikayeli, noMeshulamu, noSheba, noJorayi, noJakani, noZiya, no-Ebere, beyisikhombisa.

Verse 14: Labo babe ngamadodana ka-Abihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikayeli kaJeshishayi kaJahido kaBuzi;

Verse 15: u-Ahi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise.

Verse 16: Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba semikhawulweni yawo.

Verse 17: Bonke labo babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli.

Verse 18: Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba, ansala umnsalo, ayefunde ukulwa, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi.

Verse 19: Aphaka impi kumaHagiri, noJeturu, noNafishi, noNodabi.

Verse 20: Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.

Verse 21: Asusa izinkomo zabo, namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.

Verse 22: Ngokuba kwawa abaningi befile, lokhu impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala esikhundleni sabo aze athunjwa.

Verse 23: Abantwana benxenye yesizwe sakwaManase bahlala kulelo zwe, kusukela eBashani kuze kube seBali Hermoni naseSeniri nasentabeni yaseHermoni.

Verse 24: Nazi izinhloko zezindlu zawoyise: o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.

Verse 25: Kepha baphambuka kuNkulunkulu wawoyise, balandela ngokuphinga onkulunkulu babantu balelo zwe, uNkulunkulu abachithayo phambi kwabo.

Verse 26: UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories