Verse 1: Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi.
Verse 2: Sebesukile eRefidimi, befike ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba.
Verse 3: UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi:
Verse 4: ‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.
Verse 5: Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,
Verse 6: nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”
Verse 7: UMose wafika, wabiza amalunga abantu, wabeka phambi kwabo onke lawo mazwi uJehova amyale ngawo.
Verse 8: Bonke abantu baphendula kanyekanye, bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” UMose wabuyisela kuJehova amazwi abantu.
Verse 9: UJehova wathi kuMose: “Bheka, ngiza kuwe ngefu elinzima ukuba abantu bezwe, nxa ngikhuluma nawe, bakholwe nguwe kuze kube phakade.” UMose walandisa uJehova amazwi abantu.
Verse 10: UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,
Verse 11: babe sebelungile ngosuku lwesithathu; ngokuba ngosuku lwesithathu uJehova uyakwehlela entabeni yaseSinayi emehlweni abantu bonke.
Verse 12: Wena-ke wobamisela abantu umkhawulo nxazonke, uthi: ‘Xwayani ukuba ningakhuphukeli entabeni, ningathinti umkhawulo wayo. Lowo othinta intaba uyakubulawa impela;
Verse 13: makangaphathwa ngesandla, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo; noma kuyinkomo noma kungumuntu, akuyikuphila.’ Nxa icilongo likhala linganqamuki, bayakukhuphukela entabeni.”
Verse 14: UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo.
Verse 15: Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”
Verse 16: Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu bathuthumela.
Verse 17: UMose wayesebakhipha abantu ekamu ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba.
Verse 18: Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.
Verse 19: Kwathi izwi lecilongo lalilokhu lizwakala kakhulu kunakuqala; uMose wakhuluma, uNkulunkulu wamphendula ngezwi elikhulu.
Verse 20: UJehova wehlela phezu kwentaba yaseSinayi esiqongweni sentaba; uJehova wambiza uMose ukuba eze esiqongweni sentaba; uMose wakhuphuka-ke.
Verse 21: UJehova wayesethi kuMose: “Yehla, ubaxwayise abantu, funa bafohle ukuba babone uJehova, kufe abaningi kubo.
Verse 22: Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”
Verse 23: UMose wathi kuJehova: “Abantu abanakukhuphukela entabeni yaseSinayi, ngokuba usiyalisisile, wathi: ‘Yimisele intaba umkhawulo, uyingcwelise.’ ”
Verse 24: Wayesethi uJehova kuye: “Hamba wehle, uze ubuye ukhuphuke, wena no-Aroni enawe; kepha abapristi nabantu mabangafohli, bakhuphukele kuJehova, funa abadumele.”
Verse 25: UMose wayesehla, waya kubantu, wabatshela.