Verse 1: “Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,
Verse 2: nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.
Verse 3: Uyakukufaka eqomeni linye, ukulethe ngeqoma kanye nenkunzi nezinqama zombili;
Verse 4: usondeze u-Aroni namadodana akhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, ubageze ngamanzi.
Verse 5: Wothabatha izambatho, ufake ku-Aroni ibhantshi, nejazi lengubo yamahlombe, nengubo yamahlombe, nesihlangu sesifuba, umbhincise ngebhande elalukiweyo lengubo yamahlombe;
Verse 6: ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.
Verse 7: Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.
Verse 8: Usondeze namadodana akhe, uwembathise amabhantshi.
Verse 9: Ubabhincise amabhande u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.
Verse 10: “Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.
Verse 11: Woyihlaba inkunzi phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.
Verse 12: Uthabathe igazi lenkunzi, ulibhece ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakho, uthulule lonke igazi phansi ngase-altare.
Verse 13: Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare.
Verse 14: Kepha inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyakukushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu; kungumnikelo wesono.
Verse 15: “Wothabatha inqama ibe nye; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama.
Verse 16: Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ufafaze ngalo i-altare nxazonke.
Verse 17: Uyihlahlele inqama, uzihlanze izibilini zayo namanqina ayo, ukubeke ndawonye nezitho zayo nenhloko yayo.
Verse 18: Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.
Verse 19: “Uthabathe enye inqama; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yayo.
Verse 20: Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ulibhece esicutshini sendlebe yokunene ka-Aroni, nasesicutshini sendlebe yokunene yamadodana akhe, nasesithupheni sesandla sabo sokunene, nakuqukula wonyawo lwabo lokunene, ufafaze i-altare nxazonke ngegazi.
Verse 21: Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.
Verse 22: “Wothabatha amanoni enqama, nomsila ononileyo, nomhlehlo osibekela izibilini, namanoni esibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, nomlenze wokunene, ngokuba kuyinqama yokwahlukaniselwa;
Verse 23: uthabathe isinkwa sibe sinye, neqebelengwane libe linye lesinkwa esinamafutha, nomqathane ube munye eqomeni lesinkwa esingenamvubelo eliphambi kukaJehova,
Verse 24: ubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.
Verse 25: Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise e-altare phezu komnikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova.
Verse 26: Uyakuthabatha isifuba senqama yokwahlukaniselwa kuka-Aroni, usizulise, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova, sibe yisabelo sakho.
Verse 27: “Uyakusingcwelisa isifuba somnikelo wokuzuliswa nomlenze womnikelo wokuphakanyiswa, ozuliswayo nophakanyiswayo, okwenqama yokwahlukaniselwa, okuka-Aroni nokwamadodana akhe;
Verse 28: kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.
Verse 29: “Izambatho ezingcwele zika-Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
Verse 30: Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.
Verse 31: “Woyithabatha inqama yokwahlukaniselwa, upheke inyama yayo endaweni engcwele.
Verse 32: U-Aroni namadodana akhe bayakuyidla inyama yenqama nesinkwa esiseqomeni ngasemnyango wetende lokuhlangana,
Verse 33: badle lezo zinto ezenza ukubuyisana ukubahlukanisela nokubangcwelisa; zingadliwa ngumfokazi, ngokuba zingcwele.
Verse 34: Uma kusala inyama yokwahlukaniselwa kuze kuse noma isinkwa, ukushise okuseleyo ngomlilo, kungadliwa, ngokuba kungcwele.
Verse 35: “Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa.
Verse 36: Imihla yonke wonikela ngenkunzi, ibe ngumnikelo wesono, ube ngowokubuyisana, uhlambulule i-altare, lapho ulenzela ukubuyisana, uligcobe ukuba ulingcwelise.
Verse 37: Izinsuku eziyisikhombisa wolenzela i-altare ukubuyisana, ulingcwelise, i-altare libe ngcwele kakhulu, nabo bonke abalithintayo bayakuba ngabangcwele.
Verse 38: “Yilokhu oyakunikela ngakho e-altare: amawundlu amabili anomnyaka munye imihla ngemihla njalo.
Verse 39: Elinye iwundlu wonikela ngalo ekuseni, elinye iwundlu wonikela ngalo kusihlwa.
Verse 40: Kanye nelinye iwundlu wonikela ngokweshumi kwempuphu ecolekileyo, ixovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshiweyo, nokwesine kwehini lewayini, kube ngumnikelo wokuphuzwa.
Verse 41: Wonikela ngelinye iwundlu ngakusihlwa, wenze kulo njengomnikelo wempuphu wasekuseni nanjengomnikelo wawo wokuphuzwa, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.
Verse 42: “Lo uyakuba ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe.
Verse 43: Lapho ngiyakuhlangana nabantwana bakwa-Israyeli; liyakungcweliswa yinkazimulo yami.
Verse 44: “Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.
Verse 45: Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo.
Verse 46: Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibithe, ukuba ngihlale phakathi kwabo; nginguJehova uNkulunkulu wabo.