Verse 1: “Uma umuntu eba inkabi noma imvu, ayihlabe, noma athengise ngayo, uyakukhokha inkabi ngezinkabi eziyisihlanu, nemvu ngezimvu ezine.
Verse 2: “Uma isela lificwa lisafohla, lishaywe lize life, akuyikuba yicala legazi maqondana nalo.
Verse 3: Uma ilanga lase liphumile phezu kwalo, kuyakuba yicala legazi phezu kwalo. Isela liyakukhokha nokukhokha; uma lingenalutho, kuyakuthengiswa ngalo ngenxa yokweba kwalo.
Verse 4: “Uma okwebiweyo kufunyaniswa esandleni salo kuphilile, noma kuyinkabi, noma kuyimbongolo, noma kuyimvu, liyakukhokha kuphindwe kabili.
Verse 5: “Uma umuntu eklabisa ensimini noma esivinini, aziyeke nje izinkomo zakhe zize zidle ensimini yomunye, uyakukhokha nokukhokha ngokuhle kwensimu yakhe nangokuhle kwesivini sakhe.
Verse 6: “Uma kuvela umlilo, uvuthe emeveni kuze kushe izinhlanga zamabele, noma amabele angakavunwa, noma insimu, othungele umlilo uyakukhokha impela.
Verse 7: “Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imali noma impahla ukuba ayilondoloze, bese yebiwa endlini yalowo muntu, isela, uma lifunyanwa, liyakukhokha kuphindwe kabili.
Verse 8: Uma isela lingafunyanwa, umninindlu uyakusondela kuNkulunkulu, kubonwe ukuba akafakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe.
Verse 9: Ngezindaba zonke zamacala, eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo, umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe, indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.
Verse 10: “Uma umuntu enikeza kumakhelwane wakhe imbongolo, noma inkabi, noma imvu, noma kungaba yisilwane sini, ukuba akulondoloze, bese kufa, noma kulimala, noma kuphangwa, kungabonwa muntu,
Verse 11: kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi.
Verse 12: Kepha uma yebiwe kuye impela, uyakumkhokhela umniniyo.
Verse 13: Uma idweshuliwe, makayilethe ibe ngufakazi, angakhokhi okudweshuliweyo.
Verse 14: “Uma umuntu etsheleka impahla yomunye, bese yilimala noma ifa, umniniyo engekho, nayo uyakuyikhokha nokuyikhokha.
Verse 15: Uma umniniyo enayo, akayikuyikhokha; uma yayiqashiwe, imali yokuqasha makayikhokhe.
Verse 16: “Uma umuntu eyenga intombi engesiyo ingoduso, alale nayo, uyakuyilobola ibe ngumkakhe.
Verse 17: Uma uyise ala impela ukumnika yona, uyakukhokha imali elingene nokulotsholwa kwezintombi.
Verse 18: “Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.
Verse 19: “Olala nesilwane wobulawa nokubulawa.
Verse 20: “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.
Verse 21: “Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.
Verse 22: “Aniyikuhlupha mfelokazi nentandane.
Verse 23: Uma ubahlupha nakanjani, bakhale kimi nakancane, ngiyakuzwa nokuzwa ukukhala kwabo;
Verse 24: ulaka lwami luyakuvutha, ngikubulale ngenkemba; omkenu babe ngabafelokazi, abantwana benu babe yizintandane.
Verse 25: “Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.
Verse 26: Uma uthatha ingubo yomakhelwane wakho, ibe yisibambiso, uyakuyibuyisela kuye lingakashoni ilanga;
Verse 27: ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa, iyisambatho somzimba wakhe; uyakulala ngani na? Kuzakuthi nxa ekhala kimi, ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.
Verse 28: “Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.
Verse 29: “Awuyikulibala neminikelo yamabele neyewayini. Wonginika izibulo emadodaneni akho.
Verse 30: Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.
Verse 31: “Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.