Exodus - Chapter 27

Verse 1: “Wolenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.

Verse 2: Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi.

Verse 3: Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uzenze zonke izinto zalo ngethusi.

Verse 4: Ulenzele ihele lethusi elenziwe njengenetha, wenze amasongo amane ethusi enetheni ngasemagumbini alo omane.

Verse 5: Wolibeka ngaphansi, phansi kosiko oluzungeza i-altare, ukuba inetha lifinyelele ngaphakathi kwe-altare ukuya phezulu.

Verse 6: Uyakwenza izinti ze-altare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi.

Verse 7: Izinti zalo ziyakufakwa emasongweni, izinti zibe sezinhlangothini zombili ze-altare, nxa lithwalwa.

Verse 8: Ulenze ngamapulangwe, libe yigobongo, ulenze njengalokho waboniswa entabeni.

Verse 9: “Wolenza igceke letabernakele; ngaseningizimu ohlangothini olungaseningizimu makube khona izilenge zegceke zelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu ohlangothini lunye;

Verse 10: izinsika zalo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

Verse 11: Nasohlangothini olungasenyakatho ebudeni makube khona izilenge, ubude bazo bube yizingalo eziyikhulu, nezinsika zazo zibe ngamashumi amabili, nezinyawo zazo zibe ngamashumi amabili zethusi; izingwegwe zezinsika nezibopho zazo zibe yisiliva.

Verse 12: “Ohlangothini olungasentshonalanga ebubanzini begceke makube khona izilenge, ububanzi bazo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, izinsika zazo zibe yishumi, nezinyawo zazo zibe yishumi.

Verse 13: Ububanzi begceke ngasempumalanga ohlangothini olungasempumalanga bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu.

Verse 14: Izilenge kolunye uhlangothi mazibe yizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.

Verse 15: Nakolunye uhlangothi makube yizilenge eziyizingalo eziyishumi nanhlanu, izinsika zazo zibe zintathu, nezinyawo zazo zibe zintathu.

Verse 16: “Koba khona iveli lesango legceke, libe yizingalo ezingamashumi amabili, ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, izinsika zabo zibe zine, nezinyawo zazo zibe zine.

Verse 17: Izinsika zonke zegceke zonamekwa ngesiliva, izingwegwe zazo zibe yisiliva, izinyawo zazo zibe yithusi.

Verse 18: Ubude begceke boba yizingalo eziyikhulu, ububanzi bube ngezamashumi ayisihlanu njalo, ukuphakama kube yizingalo eziyisihlanu, bube yilineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, izinyawo zibe yithusi.

Verse 19: Izimpahla zonke zetabernakele enkonzweni yalo yonke nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zegceke azibe ngezethusi.

Verse 20: “Wobayala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo agxotshelwe ukukhanyisa ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

Verse 21: Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories