Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi kubo:
Verse 2: “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:
Verse 3: zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.
Verse 4: “ ‘Kepha lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakwezahlukanisa inselo: ikamela, ngokuba liyetshisa, lingahlukanisi kodwa inselo; lingcolile kini;
Verse 5: nembila, ngokuba iyetshisa, ingahlukanisi kodwa inselo; ingcolile kini;
Verse 6: nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;
Verse 7: nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.
Verse 8: Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.
Verse 9: “ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.
Verse 10: Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni, nazo zonke eziswebezelayo emanzini, nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.
Verse 11: Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.
Verse 12: Zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe emanzini ziyisinengiso kini.
Verse 13: “ ‘Yilezi eniyakunengwa yizo ezinyonini; aziyikudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,
Verse 14: nonhloyile, noheshe ngezinhlobo zakhe,
Verse 15: nawo onke amagwababa ngezinhlobo zawo,
Verse 16: nentshe, nenkovana, nenkanu, noklebe ngezinhlobo zakhe,
Verse 17: nesikhova, nomphishamanzi, nomxwagele,
Verse 18: nefukezi, nevuba, nophalane,
Verse 19: nonogolantethe, nonozalizingwenya ngezinhlobo zakhe, noziningweni, nelulwane.
Verse 20: “ ‘Nezilwanyana zonke ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ziyisinengiso kini.
Verse 21: Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;
Verse 22: kuzo ningadla lezi: isikhonyane ngezinhlobo zaso, namaboni ngezinhlobo zawo, namadiye ngezinhlobo zawo, nezintethe ngezinhlobo zazo.
Verse 23: Kepha zonke ezinye izilwanyana ezinamaphiko nezinyawo ezine ziyisinengiso kini.
Verse 24: “ ‘Niyakungcoliswa yilezi: bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
Verse 25: Bonke abathwala utho lwezidumbu zazo bayakuhlanza izingubo zabo, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.
Verse 26: “ ‘Zonke izilwane ezahlukanisa inselo, zingayidabuli kabili kodwa, zingetshisi, zingcolile kini; bonke abazithintayo bayakuba ngabangcolile.
Verse 27: Nazo zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
Verse 28: Othwala izidumbu zazo makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.
Verse 29: “ ‘Lezi zingcolile kini kuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni: uchakide, nempuku, noxamu ngezinhlobo zakhe,
Verse 30: nesigcilikisha, nesiquzi, nentulo, nesibankwa, nonwabu.
Verse 31: Yilezo ezingcolile kini phakathi kwezilwanyana ezinwabuzelayo; bonke abazithintayo sezifile bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.
Verse 32: Konke esiwela phezu kwakho esinye sazo sezifile kuyakuba ngokungcolile, noma kuyinto yomuthi noma yingubo noma yisikhumba noma yisaka noma yintoni okusetshenzwa ngayo; makufakwe emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.
Verse 33: Nezitsha zonke esiwela kuzo esinye sazo, noma yintoni ephakathi kwazo iyakuba ngengcolile, nize nizaphule.
Verse 34: Konke ukudla okudliwayo okukuzo, afika kukho futhi amanzi anjalo, kuyakuba ngokungcolile, nakho konke okuphuzwayo kuzo izitsha ezinjalo kuyakuba ngokungcolile.
Verse 35: Konke esiwela kukho isidumbu sazo kuyakuba ngokungcolile, noma iziko noma ikhanzi; makuphohlozwe; kungcolile, kuyakuba ngokungcolile kini.
Verse 36: Kepha umthombo nomgodi lapho amanzi eqoqene khona uyakube uhlambulukile, kodwa okuthinta izidumbu zazo kuyakuba ngokungcolile.
Verse 37: Uma izidumbu zazo ziwela phezu kwembewu etshalwayo ezakuhlwanyelwa, iyakuba ngehlambulukile.
Verse 38: Kepha uma amanzi ethelwa embewini, izidumbu zazo ziwele phezu kwayo, ingcolile kini.
Verse 39: “ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.
Verse 40: Odla isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; nothwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Verse 41: “ ‘Zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ziyisinengiso; mazingadliwa.
Verse 42: Zonke ezihamba ngesisu, nazo zonke ezihamba ngezinyawo ezine noma ngeziningi, nazo zonke ezinwabuzelayo emhlabeni, ningazidli, ngokuba ziyisinengiso.
Verse 43: Ningazenzi ninengeke ngezilwanyana ezinwabuzelayo, ningazingcolisi ngazo, funa ningcole ngazo.
Verse 44: Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.
Verse 45: Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.
Verse 46: “ ‘Yilowo umthetho wezilwane nowezinyoni nowezilwane zonke eziswebezelayo emanzini, nowezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni,
Verse 47: ukuba kwahlukaniswe okungcolileyo nokuhlambulukileyo, okuphilayo okudliwayo nokuphilayo okungadliwayo.’ ”