Leviticus - Chapter 13

Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

Verse 2: “Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo, kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko, makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,

Verse 3: umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi uyakumbheka, asho athi ungcolile.

Verse 4: Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, lingabonakali lishonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,

Verse 5: umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma isifo ngokubona kwakhe sisemi, ibala lingandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakumvalela ezinye izinsuku eziyisikhombisa,

Verse 6: umpristi abuye ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma ibala lifiphele, isifo singandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi uhlambulukile; kulutwayi; uyakuhlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.

Verse 7: Kepha uma utwayi lwanda esikhumbeni esezibonakalisile kumpristi ngokuhlambuluka kwakhe, abuye eziveze kumpristi,

Verse 8: umpristi abheke; uma utwayi lwandile esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuluchoko.

Verse 9: “Nxa isifo sochoko sikumuntu, uyakulethwa kumpristi,

Verse 10: umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumbeni, liphendulile uboya baba mhlophe, nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,

Verse 11: bheka, kuluchoko oludala esikhumbeni senyama yakhe; khona umpristi uyakusho athi ungcolile, angamvaleli, ngokuba ungcolile.

Verse 12: “Uma uchoko luqhamuka esikhumbeni, ukuze uchoko lusibekele isikhumba sonke sonesifo, kusukela ekhanda kuze kufike ezinyaweni njengokubona kompristi,

Verse 13: umpristi wobheka; uma uchoko lusibekele yonke inyama yakhe, bheka, uyakusho athi onesifo uhlambulukile; konke kuphendukile kwaba mhlophe: uhlambulukile.

Verse 14: Kepha njalo uma kuvela kuye inyama ebomvu, uyakuba ngongcolile.

Verse 15: Umpristi uyakubheka inyama ebomvu, asho athi ungcolile; inyama ebomvu ingcolile, iluchoko.

Verse 16: Uma-ke inyama ebomvu ibuye iphenduka ibe mhlophe, makaye kumpristi,

Verse 17: umpristi ambheke; uma ibala liphendukile laba mhlophe, bheka, khona umpristi uyakusho athi onesifo uhlambulukile; uhlambulukile.

Verse 18: “Nxa inyama ibinethumba esikhumbeni sayo, selaphola,

Verse 19: kube yidunguza elimhlophe endaweni yethumba noma ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana, khona kuyakuboniswa umpristi,

Verse 20: umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.

Verse 21: Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe kulo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa;

Verse 22: uma landa nokwanda esikhumbeni, umpristi makasho athi ungcolile; kuyisifo.

Verse 23: Kodwa uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo lingandi, kuyisibanda sethumba; umpristi makasho athi uhlambulukile.

Verse 24: “Nxa inyama inesibazi esikhumbeni sayo, inyama ebomvu yesibazi iphenduke ibala elikhanyayo, limhlophe libomvana noma limhlophe nje,

Verse 25: umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe, libonakala lishonile kunesikhumba, bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini; khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.

Verse 26: Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,

Verse 27: umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma landile nokwanda esikhumbeni, umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.

Verse 28: Uma ibala elikhanyayo limi endaweni yalo, lingandi esikhumbeni, kodwa lifiphele, kuyidunguza lesibazi; umpristi makasho athi uhlambulukile, ngokuba kuyisibanda sesibazi.

Verse 29: “Nxa owesilisa noma owesifazane enesifo ekhanda noma esilevini,

Verse 30: umpristi uyakubheka ibala; uma libonakala lishonile kunesikhumba, kube kulo izinwele ezincane ezimpofu, bheka, umpristi makasho athi ungcolile: kungumuna, kuluchoko lwekhanda noma olwesilevu.

Verse 31: Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo, bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,

Verse 32: ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke isifo; uma umuna ungandile, futhi kungekho zinwele ezimpofu kuwo, umuna ubonakala ungashonile kunesikhumba,

Verse 33: bheka, uyakuziphucula, angaphuculi umuna kodwa, umpristi amvalele onomuna ezinye izinsuku eziyisikhombisa;

Verse 34: ngosuku lwesikhombisa umpristi abheke umuna; uma umuna ungandile esikhumbeni, futhi ubonakala ungashonile kunesikhumba, bheka, umpristi makasho athi uhlambulukile; makahlanze izingubo zakhe, ahlambuluke.

Verse 35: Kepha uma umuna wanda esikhumbeni esehlambulukile,

Verse 36: umpristi wombheka; uma umuna wandile nokwanda esikhumbeni, bheka, umpristi makangafuni izinwele ezimpofu; ungcolile.

Verse 37: Kodwa uma ngokubona kwakhe umuna umi, kumilile kuwo izinwele ezimnyama, umuna usupholile, uhlambulukile; umpristi makasho athi uhlambulukile.

Verse 38: “Nanxa owesilisa noma owesifazane enamabala akhanyayo esikhumbeni senyama yabo, amabala amhlophe akhanyayo,

Verse 39: khona umpristi wobheka; uma amabala akhanyayo asesikhumbeni senyama yabo emhloshana efiphele, bheka, kuyisithembuzane esiqhamukile.

Verse 40: “Uma izinwele zomuntu zisukile ekhanda lakhe, uyimpandla; uhlambulukile.

Verse 41: Uma izinwele zisukile ekhanda lakhe ngasebusweni, uyimpandla ebunzini; uhlambulukile.

Verse 42: Kepha uma kukhona empandleni esekhanda noma empandleni esebunzini isifo esimhlophe sibomvana, kuluchoko oluqhamuka empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe.

Verse 43: Khona umpristi uyakumbheka; uma idunguza lesifo limhlophe libomvana empandleni esekhanda lakhe noma empandleni esebunzini lakhe, njengokubonakala kochoko esikhumbeni senyama,

Verse 44: bheka, ungumuntu onochoko; ungcolile; umpristi makasho athi ungcolile; isifo sakhe sisekhanda lakhe.

Verse 45: “Onochoko esikuye isifo, maziklejulwe izingubo zakhe, zithukululwe izinwele zakhe, amboze amadevu akhe, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’

Verse 46: Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.

Verse 47: “Ingubo esikuyo isifo sochoko, noma yingubo yoboya noma yingubo yelineni,

Verse 48: noma sisezintanjeni eziqondileyo noma sikwezinqamulayo, ezelineni noma ezoboya bezimvu, noma sisesikhumbeni, noma sisentweni eyenziwe ngesikhumba,

Verse 49: uma ibala liluhlazana noma libomvana engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, kuyisifo sochoko, siyakuboniswa umpristi.

Verse 50: Umpristi makabheke isifo, akuvalele lokho okunochoko izinsuku eziyisikhombisa,

Verse 51: abheke isifo ngosuku lwesikhombisa; uma isifo sandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma esikhumbeni, nakuba isikhumba sisetshenziswa kumuphi umsebenzi, bheka, isifo siluchoko olubi.

Verse 52: Woshisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni, noma into yesikhumba esikuyo isifo, ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.

Verse 53: “Uma umpristi ebheka, isifo singandile engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba,

Verse 54: bheka, umpristi woyala ukuba bahlanze into isifo esikuyo, ayivalele ezinye izinsuku eziyisikhombisa;

Verse 55: umpristi ayibheke emva kokuhlanzwa kwesifo; bheka, uma ibala lingaphendulile umbala walo, lingandile, ingcolile; woyishisa ngomlilo; kungumcothu odlayo noma iqothukile ngaphakathi noma ngaphandle.

Verse 56: Uma umpristi ebheka, ibala selifiphele lihlanziwe, bheka, makalintwengule engutsheni noma esikhumbeni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo;

Verse 57: uma lisabonakala engutsheni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba, wokushisa ngomlilo lokho isifo esikukho.

Verse 58: Ingubo noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo noma intoni yesikhumba oyakuyihlanza, uma ibala lisuka kukho, kohlanzwa ngokwesibili, kuhlambuluke.”

Verse 59: Lowo ungumthetho wesifo sochoko engutsheni yoboya bezimvu noma kweyelineni noma ezintanjeni eziqondileyo noma kwezinqamulayo noma entweni yesikhumba wokusho ukuthi kuhlambulukile noma kungcolile.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories