Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose entabeni yaseSinayi, wathi:
Verse 2: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifika ezweni engininika lona, izwe liyakumgcinela uJehova isabatha.
Verse 3: Iminyaka eyisithupha uyakulima insimu yakho, iminyaka eyisithupha uyakuthena isivini sakho, ubuthe izithelo zaso,
Verse 4: kepha ngomnyaka wesikhombisa kuyakuba khona isabatha lokuphumula okuzothileyo kwezwe, isabatha kuye uJehova; awuyikulima insimu yakho, ungatheni isivini sakho.
Verse 5: Amakhikhizela esivuno sakho awuyikuwavuna, nezithelo zomvini wakho ongatheniwe awuyikuzikha; kuyakuba ngumnyaka wokuphumula okuzothileyo kwezwe.
Verse 6: Isabatha lezwe liyakuba ngukudla kwenu, okwakho nokwenceku yakho nokwencekukazi yakho nokomqashwa wakho nokomfokazi wakho ogogobeleyo kuwe;
Verse 7: nakuzo izinkomo zakho nezilwane ezisezweni konke ukuthela kwalo kuyakuba ngukudla.
Verse 8: “ ‘Uyakuzibalela amasabatha ayisikhombisa eminyaka, iminyaka eyisikhombisa iphindwe kasikhombisa, kube kuwe izinsuku zamasabatha ayisikhombisa eminyaka, kube yiminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye.
Verse 9: Uyakuthuma izwi lecilongo elizwakala kakhulu ngolweshumi lwenyanga yesikhombisa; ngosuku lokubuyisana niyakuthuma izwi lecilongo ezweni lonke lakini.
Verse 10: Niyakuwungcwelisa umnyaka wamashumi ayisihlanu, nimemezele inkululeko ezweni lonke kubo bonke abakhileyo kulo; kuyakuba yijubili kini, nibuyele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, nibuyele, kube yilowo nalowo kwabomndeni wakhe.
Verse 11: Lo mnyaka wamashumi ayisihlanu uyakuba yijubili kini; aniyikulima, ningavuni amakhikhizela awo, ningakhi ngawo ezomvini ongatheniwe.
Verse 12: Ngokuba uyijubili; uyakuba ngcwele kini, nidle izithelo zawo zasensimini.
Verse 13: “ ‘Ngalowo mnyaka wejubili niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe.
Verse 14: “ ‘Uma uthengisa ngotho kumakhelwane wakho noma uthenga esandleni somakhelwane wakho, ningadlani;
Verse 15: njengenani leminyaka esemva kwejubili uyakuthenga kumakhelwane wakho nanjengenani leminyaka yezithelo uyakuthengisa kuwe.
Verse 16: Ngobuningi beminyaka uyakwandisa intengo yalo nangobuncane beminyaka uyakunciphisa intengo yalo; ngokuba uthengisa kuwe ngenani lezithelo.
Verse 17: Aniyikudlana, kepha uyakwesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wakho.
Verse 18: “ ‘Ngalokho anozenza izimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze, nihlale ezweni nilondekile.
Verse 19: Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.
Verse 20: Uma nisho ukuthi: “Siyakudlani ngomnyaka wesikhombisa? Bheka, asiyikulima, asiyikubutha ukudla kwethu,”
Verse 21: khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.
Verse 22: Niyakulima ngomnyaka wesishiyagalombili, nidle izithelo zikanyasa; uze ufike umnyaka wesishiyagalolunye, kungene izithelo zawo, niyakudla unyasa.
Verse 23: “ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.
Verse 24: Ezweni lonke lefa lenu niyakuvuma ukuhlengwa kwezwe.
Verse 25: “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, athengise ngefa lakhe, kuyakufika isihlobo sakhe, sihlenge lona umfowabo athengisile ngalo.
Verse 26: Uma umuntu engenaye ongalihlenga, kodwa ebeseba ngocebileyo, athole okwanele ukulihlenga,
Verse 27: makabale iminyaka selokhu kwathengiswa ngalo, abuyisele okudluleleyo kulowo muntu athengisa kuye ngalo, aze abuyele efeni lakhe.
Verse 28: Uma engatholi amandla okuzibuyiselela lona, lelo athengise ngalo liyakusala esandleni solithengileyo, uze ufike umnyaka wejubili; ngejubili liyakuphuma, yena abuyele efeni lakhe.
Verse 29: “ ‘Uma umuntu ethengisa ngendlu yokuhlala emzini onogange, angayihlenga ungakapheli umnyaka selokhu wathengisa ngayo, ngokuba umnyaka wonke uyakuba nelungelo lokuyihlenga.
Verse 30: Uma ingahlengwanga umnyaka usuphelile, leyo ndlu esemzini onogange iyakuqiniswa ibe ngeyakhe owayithenga kuze kube phakade ezizukulwaneni zakhe; ayiyikuphuma ngejubili.
Verse 31: Kepha izindlu zemizana engenalugange nxazonke ziyakubalwa kanye namasimu asemaphandleni; zingahlengwa, ziphume ngejubili.
Verse 32: “ ‘Kodwa imizi yamaLevi, izindlu zemizi yefa lawo amaLevi angazihlenga noma nini.
Verse 33: Uma umLevi engahlengi, indlu okwathengiswa ngayo nomuzi wefa lakhe kuyakuphuma ngejubili, ngokuba izindlu zemizi yamaLevi ziyifa lawo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.
Verse 34: Izwe lamadlelo emizi yawo akunakuthengiswa ngalo, ngokuba liyifa lawo kuze kube phakade.
Verse 35: “ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.
Verse 36: Ungathathi kuye inzalo engafanele nenzuzo, kepha wesabe uNkulunkulu wakho, ukuze umfowenu ahlale nawe.
Verse 37: Awuyikumnika imali yakho ngenzalo, ungamuphi ukudla kwakho ngenzuzo.
Verse 38: NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuninika izwe laseKhanani, ngibe nguNkulunkulu wenu.
Verse 39: “ ‘Uma umfowenu eba mpofu ekuwe, azithengise kuwe, awuyikumsebenzisa njengesigqila,
Verse 40: kepha abe njengomqashwa nogogobeleyo kuwe; uyakusebenza kuwe kuze kufike umnyaka wejubili,
Verse 41: andukuba aphume kuwe, yena nabantwana bakhe kanye naye, abuyele kwabomndeni wakhe, abuyele nasefeni lawoyise.
Verse 42: Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.
Verse 43: Awuyikubusa kalukhuni phezu kwakhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho.
Verse 44: “ ‘Izigqila zakho nezigqilakazi zakho oyakuba nazo: niyakuzithenga izigqila nezigqilakazi kwabezizwe abanizungezayo.
Verse 45: Futhi kubantwana babafokazi abagogobeleyo kini, kubona niyakuthenga nakwabomndeni wabo abakini ababazalile ezweni lakini, babe yifa lenu.
Verse 46: Niyakubenza ifa labantwana benu emva kwenu ukuba babe yifa labo; niyakuthatha kubo izigqila zenu kuze kube phakade; kepha aniyikubusa kalukhuni phezu kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, omunye phezu komunye.
Verse 47: “ ‘Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo, umfowenu abe mpofu kuye, azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi,
Verse 48: angahlengwa nxa sekuthengisiwe ngaye; omunye wabafowabo angamhlenga;
Verse 49: noma uyisekazi noma indodana kayisekazi angamhlenga; noma omunye owakubo owabomndeni wakhe angamhlenga; noma eba ngocebileyo, angazihlenga yena.
Verse 50: Uyakubalisana nalowo owamthengayo, aqale ngomnyaka owazithengisa kuye ngawo, kuze kube ngumnyaka wejubili; imali yentengiso iyakuba njengenani leminyaka; uyakuba naye njengesikhathi somqashwa.
Verse 51: Uma isasele iminyaka eminingi, njengayo uyakubuyisa intengo yokuhlengwa kwakhe emalini athengwa ngayo.
Verse 52: Uma isasele iminyaka eyingcosana kuze kufike umnyaka wejubili, uyakubalisana naye; njengeminyaka yakhe uyakubuyisa imali yokuhlengwa kwakhe.
Verse 53: Njengenceku eqashwa iminyaka ngeminyaka uyakuba naye; akayikubusa kalukhuni phezu kwakhe emehlweni akho.
Verse 54: “ ‘Uma engahlengwanga ngalezo zindlela, uyakuphuma ngomnyaka wejubili, yena nabantwana bakhe kanye naye.
Verse 55: Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.