Verse 1: UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
Verse 2: “Lo uyakuba ngumthetho wonochoko ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe: wolethwa kumpristi,
Verse 3: umpristi aphume ekamu, umpristi abheke; uma isifo sochoko sipholile konochoko,
Verse 4: bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,
Verse 5: umpristi ayale ukuba ihlatshwe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo.
Verse 6: Inyoni ezwayo uyakuyithatha kanye nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi, akugcobhoze kanye nenyoni ezwayo egazini lenyoni eyahlatshwa phezu kwamanzi agobhozayo,
Verse 7: amfafaze kasikhombisa oyakuhlanjululwa ochokweni lwakhe, asho athi uhlambulukile, ayiyeke inyoni ezwayo, iphumele endle.
Verse 8: “Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe, aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu, kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.
Verse 9: Kuyakuthi ngosuku lwesikhombisa aphucule zonke izinwele zekhanda lakhe nesilevu sakhe namashiya akhe, yebo, aphucule zonke izinwele zakhe, ahlanze izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, ahlambuluke.
Verse 10: “Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi lamafutha.
Verse 11: Umpristi ohlambululayo uyakumbeka umuntu oyakuhlanjululwa kanye nalezo zinto phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana;
Verse 12: umpristi athabathe enye imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nelogi lamafutha, akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova;
Verse 13: uyakuhlaba imvu yeduna endaweni lapho kuhlatshwa khona umnikelo wesono nomnikelo wokushiswa, indawo engcwele, ngokuba umnikelo wecala ungowompristi njengomnikelo wesono; ungcwelengcwele.
Verse 14: Umpristi wothabatha igazi kuwo umnikelo wecala, umpristi alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene,
Verse 15: umpristi athabathe kulo ilogi lamafutha, awathele entendeni yesakhe isandla sokhohlo;
Verse 16: umpristi agcobhoze umunwe wakhe wokunene emafutheni asesandleni sakhe sokhohlo, afafaze ngamafutha phambi kukaJehova kasikhombisa ngomunwe wakhe.
Verse 17: Amafutha aseleyo asesandleni sakhe umpristi uyakuwabheca esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, phezu kwegazi lomnikelo wecala.
Verse 18: Amafutha aseleyo asesandleni sompristi uyakuwafaka ekhanda loyakuhlanjululwa, umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova.
Verse 19: “Umpristi wonikela ngomnikelo wesono, amenzele oyakuhlanjululwa ukubuyisana ngenxa yokungcola kwakhe, andukuba ahlabe umnikelo wokushiswa,
Verse 20: umpristi anikele ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu e-altare, umpristi amenzele ukubuyisana, ahlambuluke.
Verse 21: “Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, wothabatha imvu yeduna ibe ngumnikelo wecala, uzuliswe ukumenzela ukubuyisana, nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu, nelogi lamafutha,
Verse 22: namahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.
Verse 23: “Ngosuku lwesishiyagalombili awalethe kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova ngenxa yokuhlanjululwa kwakhe.
Verse 24: Umpristi abesethabatha imvu yomnikelo wecala nelogi lamafutha, umpristi akuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova;
Verse 25: ahlabe imvu yomnikelo wecala, umpristi athabathe kulo igazi lomnikelo wecala, alibhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene;
Verse 26: umpristi athele amafutha entendeni yesakhe isandla sokhohlo kasikhombisa;
Verse 27: umpristi afafaze ngamafutha asesandleni sakhe sokhohlo kasikhombisa phambi kukaJehova ngomunwe wakhe wokunene;
Verse 28: umpristi athabathe kuwo amafutha asesandleni sakhe, awabhece esicutshini sendlebe yokunene yoyakuhlanjululwa, nasesithupheni sesandla sakhe sokunene, nakuqukula wonyawo lwakhe lokunene, endaweni yegazi lomnikelo wecala;
Verse 29: amafutha aseleyo asesandleni sompristi wowabeka ekhanda loyakuhlanjululwa ukumenzela ukubuyisana phambi kukaJehova.
Verse 30: Uyakunikela ngelinye lamahobhe noma ngelamaphuphu amajuba, njengalokho angaphumelela kukho,
Verse 31: yebo, njengalokho angaphumelela kukho, elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa kanye nomnikelo wempuphu, umpristi amenzele ukubuyisana oyakuhlanjululwa phambi kukaJehova.”
Verse 32: Lowo ungumthetho wakhe isifo sochoko esikuye, ongenakuphumelela kulokho okuqondene nokuhlambuluka kwakhe.
Verse 33: UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
Verse 34: “Kuyakuthi lapho senifikile ezweni laseKhanani engininika lona libe yifa lenu, ngifake isifo sochoko endlini yezwe eniliphiweyo,
Verse 35: umninindlu makeze amtshele umpristi, athi: ‘Kungathi kubonakele isifo endlini.’
Verse 36: Umpristi woyala ukuba bakhiphe okuphakathi endlini, engakangeni umpristi ukuyobona isifo, ukuze kungangcoli konke okusendlini, andukuba umpristi angene ukubona indlu.
Verse 37: Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu, linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga,
Verse 38: bheka, khona umpristi wophuma endlini, aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa,
Verse 39: umpristi abuye ngosuku lwesikhombisa, abheke; uma ibala landile odongeni lwendlu,
Verse 40: bheka, khona umpristi woyala ukuba bakhiphe amatshe isifo esikuwo, bawalahle endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi;
Verse 41: indlu iphalwe phakathi nxazonke, bathele udaka oluphaliweyo endaweni engcolileyo ngaphandle komuzi.
Verse 42: Bothabatha amanye amatshe, bawafake endaweni yalawo matshe, bathabathe olunye udaka, bayinameke indlu.
Verse 43: “Uma isifo sibuye siqhamuka endlini emva kokukhishwa kwamatshe nasemva kokuphalwa kwendlu nasemva kokunamekwa kwayo,
Verse 44: umpristi uyakungena abheke; uma isifo sandile endlini, bheka, kuluchoko olubi endlini; ingcolile.
Verse 45: Woyibhidliza, amatshe ayo namapulangwe ayo nalo lonke udaka lwendlu akukhiphe emzini, akulahle endaweni engcolileyo.
Verse 46: “Ongena endlini ngezinsuku isavaliwe uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.
Verse 47: Olala endlini makahlanze izingubo zakhe; nodlayo endlini makahlanze izingubo zakhe.
Verse 48: “Uma umpristi engena azobheka, isifo singandile endlini emva kokunamekwa kwendlu, bheka, khona umpristi uyakusho athi indlu ihlambulukile, ngokuba isifo sipholile.
Verse 49: Wothabatha, ukuba ahlambulukise indlu, izinyoni ezimbili nomsedari nendwangu ebomvu nehisopi,
Verse 50: ahlabe enye yezinyoni esitsheni sebumba phezu kwamanzi agobhozayo,
Verse 51: athabathe umsedari nehisopi nendwangu ebomvu nenyoni ezwayo, akugcobhoze egazini lenyoni ehlatshiweyo nasemanzini agobhozayo, afafaze indlu kasikhombisa,
Verse 52: ahlambulule indlu ngegazi lenyoni ezwayo nangomsedari nangehisopi nangendwangu ebomvu,
Verse 53: ayiyeke inyoni ezwayo, iphume emzini iye endle, ayenzele kanjalo indlu ukubuyisana; iyakuhlambuluka.”
Verse 54: Lowo ungumthetho wesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nowomuna,
Verse 55: nowochoko lwengubo nolwendlu,
Verse 56: nowedunguza nowotwayi nowebala elikhanyayo,
Verse 57: ukufundisa nxa kungcolile nanxa kuhlambulukile; yilowo ongumthetho wochoko.