Genesis - Chapter 2

Verse 1: Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke.

Verse 2: UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.

Verse 3: UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.

Verse 4: Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu.

Verse 5: Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.

Verse 6: Kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlaba.

Verse 7: UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.

Verse 8: UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo.

Verse 9: UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

Verse 10: E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine.

Verse 11: Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide.

Verse 12: Lihle igolide lalelo zwe. Kukhona nenhlaka yebedola netshe leshohamu lapho.

Verse 13: Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe.

Verse 14: Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.

Verse 15: UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.

Verse 16: UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho,

Verse 17: kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”

Verse 18: UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

Verse 19: UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.

Verse 20: Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye.

Verse 21: UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.

Verse 22: UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.

Verse 23: Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.”

Verse 24: Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.

Verse 25: Babehamba ze bobabili, u-Adamu nomkakhe, bengenamahloni.

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories