Verse 1: Kwathi abantu beqala ukwanda ebusweni bomhlaba, bezala amadodakazi,
Verse 2: amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle, azithathela abafazi kuwo awathandayo.
Verse 3: Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”
Verse 4: Ngalezo zinsuku kwakukhona iziqhwaga emhlabeni, nangasemuva futhi, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana. Lana ayengamadodana asendulo anamandla, anegama lodumo.
Verse 5: Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.
Verse 6: Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.
Verse 7: UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.”
Verse 8: Kepha uNowa wayetholile umusa emehlweni kaJehova.
Verse 9: Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.
Verse 10: UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete.
Verse 11: Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.
Verse 12: UNkulunkulu wabona ukuthi umhlaba wonakele, ngokuba inyama yonke yayonakalisile indlela yayo emhlabeni.
Verse 13: UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.
Verse 14: Yakha umkhumbi ngemithi yegofere, wenze amakamelo emkhunjini, uwuhuqe ngaphakathi nangaphandle ngekolitayi.
Verse 15: Yikho lokhu ozakukwenza: ubude bomkhumbi buyakuba yizingalo ezingamakhulu amathathu, ububanzi bawo bube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi amathathu.
Verse 16: Yenza ifasitele emkhunjini, uligcine ngaphezulu libe yingalo inye, ufake umnyango womkhumbi ohlangothini lwawo, uwenze ube nendlu engaphansi nengaphakathi nengaphezulu.
Verse 17: Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.
Verse 18: Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.
Verse 19: Nakuzo zonke izilwane uzakungenisa ezimbili kuzo zonke izinhlobo zenyama ukuba ziphile nawe, kube ngeyeduna neyensikazi.
Verse 20: Kuzo izinyoni ngezinhlobo zazo, nakuzo izinkomo ngezinhlobo zazo, nakuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo kuzakufika kuwe ezimbili zezinhlobo zonke, ziphile.
Verse 21: Zithathele kukho konke ukudla okudliwayo, ukubuthele kuwe; kuyakuba ngukudla kwakho nokwabo.”
Verse 22: UNowa wenze njalo; njengalokho uNkulunkulu emyalile wakwenza.