Genesis - Chapter 45

Verse 1: Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo.

Verse 2: Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.

Verse 3: Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.

Verse 4: UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe.

Verse 5: Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.

Verse 6: Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo.

Verse 7: UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.

Verse 8: “Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.

Verse 9: Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali.

Verse 10: Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho,

Verse 11: ngikondlele khona, ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala, funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.’

Verse 12: “Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina.

Verse 13: Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe, nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.”

Verse 14: Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini, wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe.

Verse 15: Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.

Verse 16: Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe.

Verse 17: UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho kubafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu: thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani,

Verse 18: nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’

Verse 19: “Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza.

Verse 20: Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ”

Verse 21: Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.

Verse 22: Kubo bonke, kwaba yilowo nalowo, wanika izingubo zokuphendulela; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela.

Verse 23: Kuyise wathuma kanje: izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni.

Verse 24: Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”

Verse 25: Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise.

Verse 26: Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo.

Verse 27: Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa.

Verse 28: Wathi u-Israyeli: “Kwanele; uJosefa indodana yami usekhona; ngizakuhamba ngimbone ngingakafi.”

Select Chapter
1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50
Select Book
Genesis Exodus Leviticus Numbers Deuteronomy Joshua Judges Ruth 1 Samuel 2 Samuel 1 Kings 2 Kings 1 Chronicles 2 Chronicles Ezra Nehemiah Esther Job Psalms Proverbs Ecclesiastes Song of Solomon Isaiah Jeremiah Lamentations Ezekiel Daniel Hosea Joel Amos Obadiah Jonah Micah Nahum Habakkuk Zephaniah Haggai Zechariah Malachi Matthew Mark Luke John Acts Romans 1 Corinthians 2 Corinthians Galatians Ephesians Philippians Colossians 1 Thessalonians 2 Thessalonians 1 Timothy 2 Timothy Titus Philemon Hebrews James 1 Peter 2 Peter 1 John 2 John 3 John Jude Revelation

Bible Categories