Verse 1: UNkulunkulu wabusisa uNowa namadodana akhe, wathi kubo: “Zalani nande, nigcwalise umhlaba.
Verse 2: Uvalo nokwesabeka kwenu akube phezu kwezilwane zonke zomhlaba, naphezu kwazo zonke izinyoni zezulu, naphezu kwakho konke okunwabuzelayo emhlabeni, naphezu kwazo zonke izinhlanzi, kunikezelwe ezandleni zenu.
Verse 3: Zonke izilwane eziphilayo ziyakuba ngukudla kwenu; ngiyaninika konke kube njengemifino eluhlaza.
Verse 4: “Kepha inyama okukuyo umphefumulo wayo, okungukuthi igazi layo, aniyikuyidla.
Verse 5: Kodwa elenu igazi okukulo umphefumulo wenu ngiyakulibiza; kuzo zonke izilwane ngiyakulibiza; nakubo bonke abantu ngiyakubiza umphefumulo wabo, owomunye esandleni somunye.
Verse 6: Ochitha igazi lomuntu, igazi lakhe liyakuchithwa ngabantu, ngokuba uNkulunkulu wamenza umuntu ngomfanekiso wakhe.
Verse 7: Kepha zalani nina, nande, nichume emhlabeni, nivame kuwo.”
Verse 8: UNkulunkulu wakhuluma kuNowa nakumadodana akhe enaye, wathi:
Verse 9: “Bhekani, mina ngiyamisa isivumelwano sami nani nenzalo yenu emva kwenu,
Verse 10: nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.
Verse 11: Ngizakumisa isivumelwano sami nawe; akusayikubhujiswa nyama ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukuba achithe umhlaba.”
Verse 12: UNkulunkulu wathi: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani kuze kube sezizukulwaneni zaphakade:
Verse 13: ngizakumisa uthingo lwami emafwini, lube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.
Verse 14: Kuyakuthi lapho ngiqoqa amafu phezu komhlaba, uthingo lubonakale emafwini.
Verse 15: Khona ngiyakukhumbula isivumelwano esiphakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke; amanzi awasayikuba nguzamcolo wokuchitha inyama yonke.
Verse 16: Uthingo luyakuba semafwini; ngizakulubheka, ngikhumbule isivumelwano esiphakade phakathi kukaNkulunkulu nazo zonke izilwane eziphilayo zenyama yonke emhlabeni.”
Verse 17: UNkulunkulu wathi kuNowa: “Lokhu kuluphawu lwesivumelwano engisenzile phakathi kwami nayo yonke inyama esemhlabeni.”
Verse 18: Amadodana kaNowa aphuma emkhunjini ayengoShemi, noHamu, noJafete; uHamu wayenguyise kaKhanani.
Verse 19: Yilawo amadodana amathathu kaNowa; umhlaba wonke wagcwaliswa ngabavela kuwo.
Verse 20: UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini.
Verse 21: Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.
Verse 22: UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise, watshela abafowabo bobabili bengaphandle.
Verse 23: OShemi noJafete bathatha ingubo, bayifaka emahlombe abo bobabili, bahamba nyovane, basibekela ubunqunu bukayise; ubuso babo babubheka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.
Verse 24: UNowa waphaphama ekudakweni, wezwa lokho ebikwenzile kuye indodana yakhe encane.
Verse 25: Wathi: “Makaqalekiswe uKhanani, abe yisigqila sezigqila kubafowabo.”
Verse 26: Wathi futhi: “Ubusisiwe uJehova, uNkulunkulu kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo.
Verse 27: UNkulunkulu amandise uJafete, ahlale ematendeni kaShemi, uKhanani abe yisigqila sabo.”
Verse 28: Emva kukazamcolo uNowa wahamba iminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisihlanu.
Verse 29: Izinsuku zonke zikaNowa zaziyiminyaka engamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu.